UJobe 14:3 - IsiZulu 2020 Ngabe ugxilisa amehlo akho konje, ungiyisa ekwehlulelweni kanye nawe na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Konje uvulela onjalo amehlo akho, ungingenise ekwahluleweni nawe, na? Contemporary Zulu Bible 2024 Uyawavula amehlo akho ngomuntu onjalo, ungilethele ekwahlulelweni nawe? |
Izinyawo zami uzichome ezingongolweni, waziqaphela zonke izindlela zami, wamisa umkhawulo ematheni ezinyawo zami.
“Ngabe ukusola ngenxa yokumesaba kwakho yini, aze angene nawe ekwehlulelweni na?
Ngokuba akasiye umuntu njengami ukuba bengingaqagulisana naye, nokuba ngibhekane naye esigcawini.
Ungayethwesi cala inceku yakho, ngokuba akukho namunye ophilayo olungile phambi kwakho.
Kepha siyazi ukuthi lokho okushiwo ngumthetho ukukhuluma kulabo abaphansi komthetho ukuze yonke imilomo ithuliswe, umhlaba wonke ubhekane necala kuNkulunkulu.