Lapho uJakobe eseqedile ukukhuluma namadodana akhe, wagoqa izinyawo wazikhweza embhedeni, waphuma umphefumulo, wangcwatshwa nabakubo.
UJobe 14:10 - IsiZulu 2020 Kepha umuntu uyafa, abe buthakathaka, umuntu obhubhile uphi na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha umuntu ofileyo uphelile; umuntu ogqabukileyo uphi na? Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa umuntu uyafa aduke; yebo, umuntu unikela esinyeni, kanti uphi? |
Lapho uJakobe eseqedile ukukhuluma namadodana akhe, wagoqa izinyawo wazikhweza embhedeni, waphuma umphefumulo, wangcwatshwa nabakubo.
Ngokuba singabafokazi phambi kwakho, nezihambi njengabo bonke okhokho bethu; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, nethemba alikho.
“ ‘Wangivumelelani ukuba ngizalwe, ngiphume esibelethweni na? Ngangingafi ngani ngingakabonwa nangelilodwa iso na?
Kepha amehlo ezikhohlakali ayakufiphala; ayiyukuba bikho nendawo yokuphephela; ithemba lazo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”
Kuyakuba kuhle yini lapho eniphenya na? Ningamkhohlisa yini njengalokhu kukhohliswa umuntu na?
kanjalo umuntu ulala phansi, angabe esavuka, lize lingabi bikho izulu abayukuvuka, abayukuphaphanyiswa ebuthongweni babo.
Lapho sesishabalele isikhumba sami, ngiyakumbona uNkulunkulu ngingokhululekile emzimbeni.
uyakubhubha kuze kube phakade, njengendle yakhe; abambonayo bayakuthi: ‘Ukuphi na?’
“Kungani ngingafelanga esiswini na? Angibhubhanga ngani lapho ngiphuma esizalweni na?
Awusithetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini, uyakungifuna, kepha angiyukuba bikho.”
Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.
Ngubani owaziyo ukuthi umoya womuntu uyenyuka kuthi owesilwane wehlele emhlabeni na?”
Wawa ngokuphazima kweso ngasezinyaweni zikaPhethro, wafa. Izinsizwa zangena, zamfumana efile, zamkhiphela phandle, zamngcwaba nomyeni wakhe.