Uma umuntu ongahlakaniphile engaba ngohlakaniphileyo, nethole lembongolo yasendle lingazalwa lingumuntu.
UJobe 12:2 - IsiZulu 2020 “Akuthandabuzwa ukuthi yini nodwa abantu, nokuhlakanipha kuyofa nani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Impela yinina eningabantu; ukuhlakanipha kuyakufa nani. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuqinisekile, kodwa nina ningabantu, futhi ukuhlakanipha kuyofa kanye nani. |
Uma umuntu ongahlakaniphile engaba ngohlakaniphileyo, nethole lembongolo yasendle lingazalwa lingumuntu.
“Ngabe awayukuphendulwa yini amazwi amaningi kangaka na? Iphoshophosho lingaxolelwa yini na?
akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha kwakhe, ngokuba ukuhlakanipha kwakhe kubanzi, ukuze wazi ukuthi uNkulunkulu uzokwenza ukhohlwe yingxenye yecala lakho, ukuze kube kuhle kuwe.
“Ohlakaniphileyo uyakuphendula yini ngolwazi olungathi shu, agcwalise isisu ngomoya wasempumalanga na?
Kepha nina buyani manje ngothi lwenu, nokho angiyukumthola ohlakaniphileyo phakathi kwenu.
Ngokuba uzivalile izingqondo zabo, ukuze zingaqondi, ngakho-ke awuyukubaphakamisa.
Sengizizwile izinsolo zakho ezingithunazayo, kodwa manje umoya wami wokuqonda ungenza ngiphendule.
Umeluleke kanjani ongahlakaniphile na? Wamnika izeluleko ezinhle kangakanani ongenakuqonda na?
Ocebileyo uhlakaniphile emehlweni akhe, kodwa ompofu onokuqonda uyamhlolisisa, ambone.
Thina siyiziwula ngenxa kaKhristu, kodwa nina nihlakaniphile kuKhristu. Thina sibuthakathaka, kepha nina ninamandla. Nina niyadunyiswa, kodwa thina siyadunyazwa.
Lokhu ngikusho ukuze nibe namahloni. Kanti kunjalo: ngabe akukho namunye yini phakathi kwenu ohlakaniphileyo onganquma udaba phakathi kwabazalwane bakhe na?