UJobe 12:18 - IsiZulu 2020 Uthukulula izintambo zamakhosi, awabophe ngebhande ezinkalweni zawo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uthukulula izibopho zamakhosi, awabophe ezinkalweni ngamaketanga. Contemporary Zulu Bible 2024 Uthukulula izibopho zamakhosi, abophe izinkalo zawo ngebhande. |
kanye namakhosi nabeluleki bomhlaba, labo abazakhela kabusha izindawo ezazicekelwe phansi,
Ngokuba uNkulunkulu ungishiye ngingavikelekile, wangithobisa, sebenza noma yini abayifisayo kimi.
Impela ngiyinceku yakho Simakade, ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho, uzikhumulile izintambo zami.
Akukho noyedwa oyokhathala, akhubeke kuso; akekho oyokozela, alale; ibhande ezinkalo zabo aliyuqaqeka, nomchilo ezicathulweni zabo awuyukugqabuka,
uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi;
UJohane wayenengubo yoboya bekameli noqhotho lwesikhumba okhalo lwakhe. Wayedla izinkumbi noju lwasendle.
Engutsheni yakhe nasethangeni lakhe kulotshwe igama elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI.