Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele, ulahle umsebenzi wezandla zakho, uphumelelise icebo lezikhohlakali na?
UJobe 10:8 - IsiZulu 2020 Izandla zakho zingibumbile, zangenza ngokupheleleyo nxazonke, nokho uyangibhubhisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izandla zakho zingibumbile, zangenza ngokupheleleyo nxazonke; nokho uyangichitha. Contemporary Zulu Bible 2024 Izandla zakho zangenza, zangibumba; nokho uyangichitha. |
Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele, ulahle umsebenzi wezandla zakho, uphumelelise icebo lezikhohlakali na?
Ngiyazi ukuthi uzongiyisa ekufeni nasendlini okubuthanela kuyo bonke abaphilayo.
Yazini ukuthi uSimakade unguNkulunkulu; nguYena osidalileyo, asizidalanga thina, singabantu bakhe, nezimvu zedlelo lakhe.
Ngenziwe yizandla zakho, zangibumba, ngiphe umqondo ukuze ngifunde imiyalo yakho.
USimakade uzoyifeza injongo yakhe ngami. Simakade, umusa wakho umi phakade, ungayishiyi imisebenzi yezandla zakho.
Amathambo ami ayengafihlekile kuwe lapho ngenziwa ekusithekeni, ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba.
Amehlo akho angibona ngiseyihlule, zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho, zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo.
yilowo nalowo obizwa ngeGama lami, engimdalele udumo lwami, ngambumba, futhi ngamenza.”