Manje usefile; ngisazozilelani na? Ngingambuyisa yini? Ngiyakuya kuye, kepha yena akayukubuyela kimi.”
UJobe 10:21 - IsiZulu 2020 ngaphambi kokuba ngihambe, ngingaphinde ngibuye, ngiye ezweni lobumnyama nesigayegaye, IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngingakayi lapho ngingasayikubuya khona, izwe lobumnyama nelomthunzi wokufa, Contemporary Zulu Bible 2024 Ngaphambi kokuba ngihambe, lapho engingayikubuyela khona, ngisho ezweni lobumnyama nethunzi lokufa; |
Manje usefile; ngisazozilelani na? Ngingambuyisa yini? Ngiyakuya kuye, kepha yena akayukubuyela kimi.”
Ngokuba simelwe ukufa, sinjengamanzi achithwa emhlabathini, angenakubuye aqoqwe. UNkulunkulu akakususi ukuphila, kepha uqamba amasu ukuba oxoshiweyo angabi ngumxoshwa kuye.
izwe lobumnyama nesiphithiphithi sobumnyama, lapho ukukhanya kufana nobumnyama.’ ”
Uma ngithemba ukuthi indawo yabafileyo iyindlu yami, ngendlale ukhukho lwami ebumnyameni,
Ubumnyama nethunzi lokufa makunikwe lona, kuhlale ifu phezu kwalo, ubumnyama bosuku bulethuse.
Abukho ubumnyama, nesigayegaye asikho, lapho abenza inkohlakalo bengacasha khona.
Ngisho noma ngidabula emfundeni emnyama okwethunzi lokufa, angiyukwesaba ngozi, ngokuba Wena unami, intonga yakho nondondolo lwakho kuyangiduduza.
Yeka ukungigqolozela, ukuze ngibuye ngimamatheke, ngaphambi kokuba ngemuke, ngingabe ngisaba khona.”
Noma umuntu angaphila iminyaka eminingi, makathokoze ngayo yonke, nokho makakhumbule ukuthi izinsuku zobumnyama zizoba ziningi. Konke okuzayo kuyize.
Noma yini isandla sakho esiyitholayo yenze ngamandla akho wonke, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.
Ngathi: “Angiyukumbona uSimakade, uSimakade ezweni labaphilayo; angisayukubona muntu phakathi kwabakhileyo ezweni.
Abashongo ukuthi: ‘Uphi uSimakade owasikhuphula eGibhithe, wasihola ezweni eliyihlane nogwadule; izwe lemigodi, nesomiso, ezweni lethunzi lokufa, elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona na?’