UJobe 10:2 - IsiZulu 2020 Ngiyakuthi kuNkulunkulu: ‘Ungangilahli njengonecala, kodwa ngazise; kuyini ongiphikisa ngakho na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyakusho kuNkulunkulu ukuthi: ‘Ungangilahli; ngazise ukuthi uphikisanelani nami na? Contemporary Zulu Bible 2024 Ngizakuthi kuNkulunkulu: Ungangilahli; ngibonise ukuthi ungixabanisani. |
“Ngabe ukukhononda kwami kungomuntu yini na? Kungani umphefumulo wami ungebekezele na?
“Ofuna amaphutha angaphikisana yini noSomandla na? Lowo oqagulisana noNkulunkulu, makaphendule.”
Uma ngona, ngenzani kuwe mlindi wabantu na? Ungimiseleni ngibe yinkololo yakho, ngize ngibe ngumthwalo nakimi na?
Kepha Wena Simakade, Nkosi yami, ngiphathe ngomusa ngenxa yegama lakho, njengokuba umusa wakho ulungile, ngisindise.
Ungayethwesi cala inceku yakho, ngokuba akukho namunye ophilayo olungile phambi kwakho.
Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami, ngokwesihawu sakho ngikhumbule, ngenxa yokulunga kwakho, Simakade!