Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, beshisa impepho ezindaweni eziphakemeyo. Wakha isango elingenhla endlini kaSimakade.
UJeremiya 26:10 - IsiZulu 2020 Lapho izikhulu zakwaJuda zizwa lezi zinto, zakhuphuka zisuka esigodlweni senkosi, zaya endlini kaSimakade, zahlala ngasekungeneni kwesango lendlu kaSimakade elisha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izikhulu zakwaJuda zazizwa lezo zinto, zakhuphuka endlini yenkosi, zaya endlini kaJehova, zahlala esikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho izikhulu zakwaJuda zizwa lokho, zenyuka zisuka endlini yenkosi zaya endlini kaJehova zahlala phansi ngasemnyango wesango elisha lendlu kaJehova. |
Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, beshisa impepho ezindaweni eziphakemeyo. Wakha isango elingenhla endlini kaSimakade.
UPhashuri wamshaya uJeremiya, umphrofethi, wamfaka ejele elalingasesangweni elingenhla kwakwaBhenjamini, ngasendlini kaSimakade.
Inkosi uJehoyakimi, nawo wonke amaqhawe ayo, nazo zonke izikhulu bawezwa amazwi akhe; inkosi yafuna ukumbulala, kepha u-Uriya wezwa, wesaba, wabaleka, waya eGibhithe.
Kepha isandla sika-Ahikamu, indodana kaShafani, sasinoJeremiya ukuba anganikelwa esandleni sabantu, ukuze bambulale.
Zonke izikhulu, nabo bonke abantu ababengene esivumelwaneni ukuba bavumelane, balalela, kwaba yilowo nalowo wakhulula isigqila sakhe nesigqilakazi sakhe, ukuba sihambe sikhululekile; kungabe kusaba khona ogqilazayo, balalela, bazikhulula, zahamba.
ngisho izikhulu zakwaJuda nezaseJerusalema, abathenwa, abaphristi, nabo bonke abantu bezwe abebedlule phakathi kwezinhlangothi zethole.
UBharukhi wayesefunda encwadini amazwi kaJeremiya, endlini kaSimakade, ekamelweni likaGemariya, indodana kaShafani umbhali, elalisegcekeni elingenhla ngasekungeneni kwesango elisha lendlu kaSimakade, wafunda bonke abantu belalele.
U-Elinathani, uDelaya noGemariya babeyinxusile inkosi ukuba ingawushisi umqulu, kodwa ayibalalelanga.
Izikhulu zawo ezikuwo, zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuba zichithe igazi, zibaqede nya abantu, ukuze zithole inzuzo embi.
“ ‘ “Bheka nje, yileso naleso sikhulu sakwa-Israyeli esasihlala kuwe, senza ngokusemandleni aso ukuba sichithe igazi.