Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 9:16 - IsiZulu 2020

Kuyothi njalo uma kuvela uthingo lwenkosazana emafini, ngilubheke qede ngikhumbule isivumelwano saphakade esikhona phakathi kwami nezilwane zonke eziphilayo emhlabeni ngezinhlobo zazo.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Uthingo luyakuba semafwini; ngizakulubheka, ngikhumbule isivumelwano esiphakade phakathi kukaNkulunkulu nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke emhlabeni.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Uthingo luyakuba sefwini; futhi ngizobheka kuso, ukuze ngicabange ngesivumelwano esiphakade phakathi kukaNkulunkulu nazo zonke izidalwa eziphilayo zayo yonke inyama esemhlabeni.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 9:16
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

noma ngabe bazalelwe kwakho, noma bathengwe ngemali; mabasokwe. Lolu phawu alushaywe emizimbeni yenu lube yisivumelwano sami saphakade.


UNkulunkulu wathi: “Akunjalo; ngumkakho uSara ozokuzalela indodana; uyiqambe igama uthi ngu-Isaka. Ngiyosigcina isivumelwano sami nakuye, sibe yisivumelwano saphakade ngisho nasesizukulwaneni sakhe.


Ngiyakumisa isivumelwano esiphakade phakathi kwami nawe, nezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wakho nowazo.


UNkulunkulu wayesethi kuNowa: “Lokho kuluphawu lwesivumelwano sami engisenze phakathi kwami nabo bonke abantu emhlabeni.”


“Indlu yami ayinjalo yini kuNkulunkulu na? Ngokuba wenze nami isivumelwano saphakade; zonke izinto wazihlela, wazivikela. Yonke insindiso yami nokwenama kwami, uyakukuhlumisa.


Bekani izindlebe, nizwe, nize kimi, uyophila umphefumulo wenu; ngiyokwenza nani isivumelwano esiphakade, izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.


Ngiyakwenza nabo isivumelwano esimi phakade, ngingayeki ukubenzela okuhle, ngiyakubeka ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.


Ngiyakuzibusisa zona nezindawo ezizungeze intaba yami, ngehlise imvula ngesikhathi sayo, ibe yizihlambi zesibusiso.


Ngiyakukwenza isivumelwano sokuthula nabo, sibe yisivumelwano saphakade; ngiyakubahlalisa bazinze, ngibandise, ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube phakade.


Kepha uNkulunkulu wokuthula, owakhuphula kwabafileyo umelusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano saphakade, iNkosi yethu uJesu,