UGenesise 8:9 - IsiZulu 2020 Kepha ijuba kalitholanga ndawo elalingahlala kuyo. Landiza labuyela emkhunjini, uNowa welula isandla walingenisa ngaphakathi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha ijuba lalingafumani ukuphumula kwamathe onyawo lwalo, labuyela kuye emkhunjini, ngokuba amanzi ayesesebusweni bomhlaba wonke; waselula isandla sakhe, walithatha, walingenisa kuye emkhunjini. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa ijuba alifumananga indawo yokuphumula yamathe onyawo lwalo, labuyela kuye emkhunjini, ngokuba amanzi ayesesemhlabeni wonke; wayeselula isandla sakhe, walithatha, walidonsela emkhunjini kanye naye. |
Wabuye wathumela ijuba ukuze ahlole ngalo ukuthi nembala amanzi asenciphile yini ebusweni bomhlaba.
Buyela endaweni yakho yokuphumula, mphefumulo wami, ngokuba uSimakade ukuphathe ngomusa.
Abasindileyo kubo bayakuphunyuka, batholakale ezintabeni njengamajuba asezigodini, bonke belila, yilowo nalowo ngezono zakhe.
“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula ngami. Emhlabeni niyakuba lusizi, kodwa yimani isibindi, Mina ngiwunqobile umhlaba.”
Awuyukukuthola ukuphumula phakathi kwalezo zizwe, akuyukuba bikho ukuphumula ematheni onyawo lwakho, kodwa uSimakade uyokunika inhliziyo egubhazelayo, namehlo anqundekayo, nokudangala komphefumulo.