UGenesise 8:12 - IsiZulu 2020 Walinda izinsuku eziyisikhombisa, wabuye walithumela ijuba, kodwa aliphindanga labuyela kuye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; walithuma ijuba; alabe lisabuyela kuye. Contemporary Zulu Bible 2024 Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; wathuma ijuba; abangabange besabuyela Kuye. |
Labuyela kuye sekuhlwile liphethe ngomlomo iqabunga lomnqumo eliluhlaza. Kwamcacela uNowa ukuthi amanzi asebohlile emhlabeni.
Lindela uSimakade, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi. Yebo, lindela uSimakade.
Kuyothiwa ngalolo lusuku: “Bheka, lo unguNkulunkulu wethu; simlindele, futhi uyakusisindisa, sisinde. Masijabule, sithokoze ngensindiso yakhe.”
Simakade siyakulindela endleleni yezehlulelo zakho. Umphefumulo wami ulangazelela igama lakho, nezikhumbuzo zakho.
Ngalokho uSimakade ulindele ukuba abe nomusa kini; ngalokho uyakuphakama abe nesihawu kini, ngokuba uSimakade unguNkulunkulu wobulungiswa; babusisiwe bonke abamlindelayo.
Ngiyokumlindela uSimakade ositheze ubuso bakhe kuyo indlu kaJakobe, ngimlindele ngokwethemba.
Shiyani imizi, nihlale phakathi kwamadwala; nina zakhamuzi zakwaMowabi, yibani njengejuba, elakha isidleke emlonyeni wesiwa.
Ngokuba umbono usalokhu ungowesikhathi esinqunyiweyo, uyakushesha ufike esiphethweni, awuyukukhohlisa; nakuba uyakubambezeleka, ulinde, ngokuba impela uyakufika, awuyukwephuza.