UGenesise 7:6 - IsiZulu 2020 UNowa wayeseneminyaka engama-600 ngesikhathi liyithela ekazamcolo emhlabeni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNowa wayeneminyaka engamakhulu ayisithupha mhla uzamcolo wamanzi efika emhlabeni. Contemporary Zulu Bible 2024 UNowa wayeneminyaka engamakhulu ayisithupha mhla uzamcolo uphezu komhlaba. |
Kuthe lapho uNowa eseneminyaka engama-600, ngosuku lwe-17, ngenyanga yesibili, kwaqhuma zonke iziphethu zamanzi emajukujukwini, kwavuleka namafasitela ezulu.
Ngosuku lokuqala ngenyanga yokuqala uNowa eseqede iminyaka engama-601 ephila, wonke amanzi ayesehwamukile emhlabeni. UNowa waphakamisa uphahla lomkhumbi, wabona ukuthi sekomile phansi.