UNkulunkulu wamdala umuntu waba ngumfanekiso wakhe, wamenza ukuba afuze Yena, wabadala owesilisa nowesifazane,
UGenesise 5:2 - IsiZulu 2020 Wadala owesilisa nowesifazane, wababusisa, wababiza ngokuthi ngabantu ngosuku abadala ngalo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wabadala owesilisa nowesifazane, wababusisa, waqamba igama labo ngokuthi abantu mhla bedalwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Wabadala owesilisa nowesifazane; wababusisa, wababiza ngokuthi u-Adamu mhla badalwa. |
UNkulunkulu wamdala umuntu waba ngumfanekiso wakhe, wamenza ukuba afuze Yena, wabadala owesilisa nowesifazane,
wababusisa, wathi: “Zalanani nande, nigcwalise umhlaba; niwubuse. Nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, naphezu kwezinyoni zezulu, nazo zonke izilwane ezinwabuzela emhlabeni.”
USimakade uNkulunkulu wabeka umuntu ensimini yase-Edeni ukuze ayilime, futhi ayilinde.
Umuntu wathi: “Manje lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami. Lona uzobizwa ngokuthi ngumfazi ngoba uthathwe endodeni.”
Kuthe lapho u-Adamu eseqede iminyaka eyi-130, wazala indodana eyayifana naye, wayiqamba igama wathi nguSethi.
“Kanti uSimakade akabenzanga yini baba nyamanye na? Emoyeni nasenyameni bangabakhe. Kungani babe munye na? Wayefuna ulibo olunobuNkulunkulu. Ngakho-ke qaphela enhliziyweni yakho, ukuba ungamkhohlisi unkosikazi wobusha benu.
Waphendula, wathi kubo: “Anifundanga yini ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane,
Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa, uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane.
Wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bomhlaba, wamisa izinkathi ezinqunyiweyo nemingcele yokuhlala kwazo,