Esemzele u-Arifaksadi, waphila iminyaka engama-500: wayezele namanye amadodana namadodakazi.
UGenesise 47:9 - IsiZulu 2020 UJakobe waphendula wathi: “Izinsuku zokugogobala kwami emhlabeni seziyiminyaka eyi-130, zimfishane, kanti bezigcwele ubunzima. Kaziqhathaniseki nokho neminyaka eyaphilwa ngokhokho bami ngesikhathi eside sokugogobala kwabo.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami, azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.” Contemporary Zulu Bible 2024 UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; oyise ezinsukwini zokuhambela kwabo. |
Esemzele u-Arifaksadi, waphila iminyaka engama-500: wayezele namanye amadodana namadodakazi.
UJakobe wahlala eGibhithe iminyaka eyi-17. Izinsuku zikaJakobe neminyaka yokuphila kwakhe emhlabeni kwaba yi-147.
UJosefa wafa eseqede iminyaka eyi-110, abantu bamgqumisa ngemithi, wayesefakwa ebhokisini lomngcwabo eGibhithe.
Ngokuba singabafokazi phambi kwakho, nezihambi njengabo bonke okhokho bethu; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, nethemba alikho.
“Simakade, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe ekunxuseni kwami, izinyembezi zami mazingakuniki ukuthula. Ngokuba kuwe ngingumfokazi, isihambi, njengokhokho bami.
Yeka ukungigqolozela, ukuze ngibuye ngimamatheke, ngaphambi kokuba ngemuke, ngingabe ngisaba khona.”
Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla, imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe, impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela
Ngenza isivumelwano nabo sokubanika iKhanani, izwe ababehlala kulo njengabafokazi.
UMose wayeseneminyaka engama-80, u-Aroni eneminyaka engama-83 ngesikhathi beyokhuluma noFaro.
Ngakho-ke sihlala sinesibindi, sazi ukuthi nxa ikhaya lethu lisesemzimbeni, sehlukene nekhaya eliseNkosini,
UMose wafa eseneminyaka eyi-120, kodwa iso lakhe lalingakafiphali namandla akhe engakanciphi.
Kepha anilazi ikusasa ukuthi liniphatheleni nokuthi impilo yenu iyakuba yini na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana bese iyanyamalala.
Kwathi emveni kwazo zonke lezo zinto uJoshuwa, indodana kaNuni, inceku kaSimakade, wafa eseneminyaka eyi-110.
Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo.