Ngimfunge uFaro, nizovivinywa ngalokhu, ngeke nihambe uma umfowenu omncane engafiki lapha.
UGenesise 43:5 - IsiZulu 2020 Kepha uma ungamdedeli ahambe, nathi asiyi ndawo, ngoba lowaya muntu wasidonsa ngendlebe, wathi: ‘Ngeke nibubone ubuso bami ngaphandle kokuba nibuye nomfowenu.’ ” IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha uma ungamthumi, asizukwehla, ngokuba lowo muntu wathi kithina: ‘Aniyikubona ubuso bami, kuphela uma umfowenu enani.’ ” Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa uma ungamthumi, asiyikwehla; ngoba lowomuntu wathi kithi: Kaliyikubona ubuso bami ngaphandle kokuthi umfowenu elaye. |
Ngimfunge uFaro, nizovivinywa ngalokhu, ngeke nihambe uma umfowenu omncane engafiki lapha.
Kufanele nilethe umfowenu omncane ukuze ngibe nesiqiniseko sokuthi amazwi enu ayiqiniso; ningafi.” Nebala benza kanjalo.
UJakobe wathi: “Indodana yami ayiyukwehla nani, ngokuba umfowabo ufile, manje nguye yedwa osele, uma ehlelwa yingozi endleleni, niyokwenza ukuba ngiye kwelabafileyo nginomunyu.”
UJuda wathi kuye: “Lowaya muntu waseGibhithe wafunga wagomela, wathi: ‘Ngeke nibubone ubuso bami ngaphandle kokuba nibuye nomfowenu.’
U-Israyeli wababuza wathi: “Nibenzeleni lobu bubi kimi bokutshela lowo muntu ukuthi ninomunye umfowenu na?”
Wathi ezincekwini zakho: ‘Uma ningezi nomfowenu omncane, ngeke niphinde nibubone ubuso bami.’
Thina sathi: ‘Asinakubuyela lapho uma umfowethu omncane engahambi nathi, ngokuba ngeke sibubone ubuso balowo muntu uma umfowethu omncane engekho.’
Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.