Kwase kuhlasela indlala eKhanani, u-Abhrama wayesehlela eGibhithe ukuyogogobala khona, ngokuba indlala yayidlangile ezweni lakubo.
UGenesise 43:1 - IsiZulu 2020 Indlala yayisalokhu idlangile ezweni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Indlala yayinzima ezweni. Contemporary Zulu Bible 2024 Indlala yayinzima ezweni. |
Kwase kuhlasela indlala eKhanani, u-Abhrama wayesehlela eGibhithe ukuyogogobala khona, ngokuba indlala yayidlangile ezweni lakubo.
USimakade wathi ku-Abhrahama: “Uhlekeleni uSara, ethi: ‘Ngisengamthola ngempela umntwana mina sengiguge nginjena na?’
Kwaba khona enye indlala ezweni ngaphandle kwaleyo eyayike yaba khona emihleni ka-Abhrahama. U-Isaka wathutha waya eGerari enkosini yamaFilisti u-Abhimeleki.
Amadodana ka-Israyeli afika ukuzothenga ukudla ehambisana nabaningi ababezothenga, ngokuba indlala yayidlangile kulo lonke iKhanani.
Kuthe sekuphelile okusanhlamvu ababekade bekulande eGibhithe, uyise wathi kubo: “Phindelani niyosithengela okunye ukudla.”
Baqhubeka bathi kuFaro: “Size ukuzogogobala kuleli lizwe, ngokuba akukho madlelo emfuyo yezinceku zakho, lokhu indlala ibhokile eKhanani. Ngakho-ke izinceku zakho ziyacela ukuba uzivumele zihlale eGosheni.”
Wena uyophendula phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Ukhokho wami wayengumAramu owayezulazula, wehlela eGibhithe, wagogobala khona nabantu abayingcosana; waba yisizwe esikhulu khona, esinamandla nesiningi.