U-Adamu waphinde walala nomkakhe, wayesezala indodana wayiqamba igama wathi nguSethi, ngokuba wathi: “UNkulunkulu uphinde wangipha enye ingane esikhundleni sika-Abela, ngokuba uKhayini wambulala.”
UGenesise 4:8 - IsiZulu 2020 UKhayini wathi ku-Abela umnawakhe: “Asihambe siye endle.” Kuthe sebefike endle, uKhayini wambhudukeza umnawakhe wambulala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UKayini wakhuluma ku-Abela umfowabo, wathi: “Masiye endle.” Kwathi besendle, uKayini wasukela umfowabo u-Abela, wambulala. Contemporary Zulu Bible 2024 UKayini wakhuluma no-Abela umfowabo; kwathi besendle, uKayini wavukela umfowabo u-Abela, wambulala. |
U-Adamu waphinde walala nomkakhe, wayesezala indodana wayiqamba igama wathi nguSethi, ngokuba wathi: “UNkulunkulu uphinde wangipha enye ingane esikhundleni sika-Abela, ngokuba uKhayini wambulala.”
Incekukazi yakho yayinamadodana amabili; alwa odwa endle kungekho ongawalamula, kepha enye yashaya enye, yayibulala.
U-Abhineri esebuyele eHebhroni, uJowabe wambizela eceleni ngasesangweni ukuze akhulume naye ngasese. Wamgwaza esiswini wafela lapho, ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.
UJehoramu esemile embusweni kayise waziqinisa impela, wabe esebulala bonke abafowabo ngenkemba, nabathile ababengabaholi kwa-Israyeli.
uSanibhalathi noGeshemi bangithumelela umyalezo othi: “Woza sihlale phansi sidingide lolu daba komunye wemizana esethafeni e-Ono.” Kepha babehlose ukungenza isilo sengubo.
impela uyakubuphakamisa ubuso bakho ungenamahloni, uyokuma uqine, ungenakwesaba.
Sengathi ungazibulala izikhohlakali, Nkulunkulu, ngalokho-ke sukani kimi, nina bachithi begazi.
Akusho ngomlomo wakhe wukona nenkohliso, ukuyekile ukwenza ukuhlakanipha nokwenza okuhle.
“Kukhona ukuqalekisa nokukhohlisa, ukubulala, nokweba, nokuphinga, bayadlebeleka, kugobhoza igazi.
Ngokuba indodana iphatha kabi uyise; indodakazi ivukela unina; umakoti umelana noninazala, nezitha zomuntu ngabantu bendlu yakhe.
Noma ngubani okuthi ngokuzonda omunye bese emdudula noma amcuthele, amjikijele ngokuthile, afe,
Liyakubizwa kini lonke igazi labalungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo, kuze kube kwelikaZakhariya indodana kaBharakiya, enambulala phakathi kwethempeli ne-althare.
kusukela egazini lika-Abela kuze kufike egazini likaZakhariya, owabulawa phakathi kwe-althare nethempeli. Yebo, ngithi kini: lizakubizwa kulesi sizukulwane.
Ngokukholwa, u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomnikelo owamukelekayo kunokaKhayini. Ngalokhu wathola ukunconywa ngokuthi ulungile, uNkulunkulu efakazela izipho zakhe. Nakuba esafa, usakhuluma nokho ngawo.
nakuJesu, umxhumanisi wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela.
Maye, kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKhayini, bagijimela nasephutheni likaBhalamu alenza ngenxa yomvuzo; babhubha njengoKhora owahlubukayo.