ULeya wayenamehlo ayebuthakathaka kanti uRaheli wayemuhle ngesimo ebukeka kahle.
UGenesise 39:6 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke uPotifari wakubeka konke ayenakho esandleni sikaJosefa, akabe esazihlupha ngalutho, ngaphandle kokudla okwakufanele akudle. UJosefa wayeyigeza, enesiqu, ebukeka kahle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yashiya konke okwayo esandleni sikaJosefa; yayingazi lutho olwayo, ukudla eyakudlayo kuphela. UJosefa wayengumgembeleza, eyigeza. Contemporary Zulu Bible 2024 Wakushiya konke okwakho esandleni sikaJosefa; futhi wayengazi ukuthi ayoba nasiphi ngaphandle kwesinkwa ayesidlile. Futhi uJosefa wayeyindoda ebukekayo futhi ethandekayo. |
ULeya wayenamehlo ayebuthakathaka kanti uRaheli wayemuhle ngesimo ebukeka kahle.
Umphathijele akabange esazikhathaza ngalutho, ngokuba konke kwakusesandleni sikaJosefa, futhi uSimakade wayemphumelelisa kukho konke akwenzayo.
ngakho-ke uJosefa wafumana umusa phambi kwayo, waba yinceku yayo; yamenza waba ngumphathi wendlu yayo, wengamela konke eyayinakho.
Kepha uJosefa wenqaba, wathi enkosikazini yomphathi wakhe: “Umphathi wami akakhathazeke ngalutho endlini yakhe, futhi ukunikele konke ezandleni zami.
Bamphakela yedwa, base bebaphakela nabo kanjalo, nabaseGibhithe ababedla naye babaphakela ngokwabo, lokhu abaseGibhithe babengeke badle namaHebheru, ngokuba kwakuyisinengiso kubo.
“Othembekile kokuncinyane, uthembekile nakokukhulu; ongalungile kokuncinyane, kalungile nakokukhulu.
“Wathi kuyo: ‘Kuhle-ke, nceku enhle, ngokuba wethembekile kokuncane, uzakubusa imizi elishumi.’
“Ngaleso sikhathi kwazalwa uMose; wayethandeka kuNkulunkulu. Wondliwa endlini yakwabo izinyanga ezintathu.
Wathumela, wamlanda, wamngenisa. Wayebomvana, enamehlo amahle, ebukeka kahle. USimakade wathi: “Phakama umgcobe ngokuba nguye lona.”
UmFilisti wabuka, wambona uDavide, wameyisa, ngokuba wayengumfana nje, ebomvana, ebukeka.