UGenesise 34:4 - IsiZulu 2020 UShekhemu wakhuluma noyise uHamori, wathi: “Ngithathele le ntombi ibe ngumkami.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE UShekemi wakhuluma kuyise uHamori, wathi: “Ngithathele le ntombazana, ibe ngumkami.” Contemporary Zulu Bible 2024 UShekemi wakhuluma kuyise uHamori, wathi: “Nginike le ntombazane ibe ngumkami.” |
Wayethathekile nguDina, indodakazi kaJakobe, futhi emthanda, wakhuluma naye wathulula inhliziyo yakhe kuye.
UJakobe wezwa ngesigameko sokungcoliswa kwendodakazi yakhe uDina, kodwa akaze asho lutho kwaze kwafika amadodana akhe evela ekwaluseni.
Mina-ke ngiyoshona kuphi nalelo hlazo na? Nawe usuyofana neziwula zakwa-Israyeli. Ngakho-ke ake ukhulume nenkosi, ngeke ikwenqabele ukuba ungithathe.”
thathani abafazi, nizale amadodana namadodakazi; thathelani amadodana enu abafazi, amadodakazi enu niwaganisele amadoda, ukuba azale amadodana namadodakazi, nande lapho, ninganciphi.
Wayesenyuka, wabikela uyise nonina, wathi: “Ngibone owesifazane womFilisti eThimna; ngithatheleni yena abe ngumkami.”