yathi: “Makabongwe uSimakade, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abhrahama, ongayekanga ukukhombisa umusa nokwethembeka kwakhe enkosini yami. Nami uSimakade ungiholile endleleni ngaze ngafinyelela emzini wesihlobo senkosi yami.”
UGenesise 32:11 - IsiZulu 2020 Ngiyakunxusa, ngihlenge esandleni somnewethu u-Esawu, ngokuba ngiyamesaba, hleze afike angihlasele mina, nabafazi bami, nezingane zami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ake ungophule esandleni somfowethu, esandleni sika-Esawu, ngokuba mina ngiyamesaba, funa eze angichithe kanye nawonina nabantwana. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngisindise esandleni somfowethu, esandleni sika-Esawu, ngokuba ngiyamesaba, funa afike angishaye kanye nonina kanye nabantwana. |
yathi: “Makabongwe uSimakade, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abhrahama, ongayekanga ukukhombisa umusa nokwethembeka kwakhe enkosini yami. Nami uSimakade ungiholile endleleni ngaze ngafinyelela emzini wesihlobo senkosi yami.”
U-Esawu wamzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusisa ngaso. Wazindla enhliziyweni yakhe wathi: “Izinsuku zokulilela ubaba zingafika noma yinini. Uma sezedlule ngizombulala umfowethu uJakobe.”
Bambikela uRibheka amazwi ka-Esawu izibulo lakhe ayesongela ngawo umnawakhe uJakobe, ngakho-ke wathi kuye: “Umnewenu usonga ukukubulala ukuze aduduzeke.
UJakobe wathumela izithunywa ukuba zimendulele ziye kumnewabo u-Esawu, owayeseSeyiri, kwa-Edomi,
UJakobe wesaba kakhulu, wakhathazeka, wayesehlukanisa abantu ayehamba nabo, nezimvu, nezinkomo, namakameli, kwaba ngamaqembu amabili,
Kepha u-Esawu wathathela ngejubane wamhlangabeza uJakobe umnawakhe, wafike wamgona, wamgomothela, wamanga, base bekhala.
Inkosi uDavide yangena ethendeni, yahlala phambi kukaSimakade, yathi: “Ngingubani mina, Nkosi Simakade, nendlu yami iyini, ukuba ungaze ungihole kuze kube lapha na?
Kulalele ukukhala kwami, ngokuba ngicindezeleke kakhulu, ungihlenge kwabangizingelayo, ngoba banamandla kunami.
Londoloza umphefumulo wami, ungikhulule, ungavumi ngithelwe ngehlazo, ngokuba mina ngiphephela kuwe.
Indlebe yakho ibeke kimi, ungikhulule ngokushesha. Yiba yidwala lokuphephela kimi, inqaba eqinileyo engikhosela kuyo.
Ngahlulele Nkulunkulu, umele indaba yami kubantu abangethembekile, ungikhulule konenkohliso nongalungile.
Umzalwane owoniweyo ulukhuni wedlula umuzi onamandla, nokuxabana kunjengemigoqo yenqaba.
Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi.
Kuyakuqubuka ukuxokozela phakathi kwabantu bakho, zibe yincithakalo zonke izinqaba zakho, njengencithakalo eyenziwa uShalimani, eBhethi Aribheli ngosuku lwempi, kuphihlizwa unina nezingane.
ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’
“Uma uzithela esidlekeni senyoni endleleni, siphambi kwakho emithini noma siphansi, sinamaphuphu noma amaqanda, unina efukamele amaphuphu noma amaqanda, awuyukumthatha unina namaphuphu.
Bakhala kuSimakade, bathi: ‘Sonile, samshiya uSimakade, sakhonza uBhali no-Ashitharothi, kodwa manje sihlenge esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.’
USimakade makabe ngumehluleli, ehlulele phakathi kwami nawe, abheke, angimele, angikhulule esandleni sakho.”