UGenesise 23:7 - IsiZulu 2020 U-Abhrahama wasukuma, wayesekhothamela amaHithi, abantu balelo lizwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Abrahama wayesesukuma, wakhothamela abantu balelo zwe, abantwana bakwaHeti, Contemporary Zulu Bible 2024 U-Abrahama wasukuma, wakhothamela phambi kwabantu bezwe, phambi kwabantwana bakwaHeti. |
Kwathi lapho u-Abhrahama ephakamisa amehlo, wabona amadoda amathathu emi buqamama naye. Uthe angawabona, wasuka emnyango wethende lakhe, wathathela ngejubane ewahlangabeza, wafike wakhothama wathi mbo ngobuso.
Izingelosi ezimbili zafinyelela eSodoma kusihlwa; uLothi wayehlezi esangweni eSodoma. Uthe angazibona, wasukuma, wazihlangabeza, wathi mbo ngobuso emhlabathini.
“Silalele nkosi yami. Wena ungowasebukhosini bukaNkulunkulu phakathi kwethu. Akekho phakathi kwethu ongenqaba nendawo yokungcwaba umkakho.”
Wathi kubo: “Uma ningivumela ukuba ngingcwabe ithambo lomkami, ngicela ningikhulumele no-Efroni indodana kaZohari
UJosefa wawasusa ethangeni likayise, wakhothamela emhlabathini wathi mbo ngobuso.
Umuntu wabangani uzilimaza yena, kodwa umngani weqiniso uyanamathela ukwedlula izelamani.
Phokophelelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa; ongenakho akasoze ayibone iNkosi.
Okokugcina yibani nhliziyonye nonke, nizwelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka.