UGenesise 23:3 - IsiZulu 2020 U-Abhrahama wasuka eduze kwesidumbu somkakhe, wakhuluma namaHithi, wathi: IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Abrahama wasuka kofileyo wakhe, wakhuluma nabantwana bakwaHeti, wathi: Contemporary Zulu Bible 2024 U-Abrahama wasukuma phambi kofileyo wakhe, wakhuluma kumadodana kaHeti, wathi: |
insimu u-Abhrahama ayeyithenge kumaHithi. U-Abhrahama wangcwatshwa lapho kwathunwa khona umkakhe uSara.
URibheka wayesethi ku-Isaka: “Ngikhathazekile ngempilo yami ngenxa yabesifazane bamaHithi. Uma uJakobe naye engase aganwe ngenye yezintombi zamaHithi akule ndawo, ngiyothi ngisaphilelani na?”
emgedeni osensimini eMakhaphela eseduze kweMamre eKhanani, ensimini u-Abhrahama ayithenga ku-Efroni, umHithi, ukuba ibe yindawo yokungcwaba.
UDavide wakhuluma ku-Ahimelekhi, umHethi, naku-Abhishayi, indodana kaZeruya, umfowabo kaJowabe, wathi: “Ngubani ozokwehla nami siye kuSawule enkanjini na?” U-Abhishayi wathi: “Ngizokwehla nawe.”