“Mnumzane, ngilalele, lesi siqinti somhlaba singabiza amashekeli esiliva angama-400, bekuyini khona lokho phakathi kwami nawe na? Ngcwaba umkakho kuso.”
UGenesise 23:16 - IsiZulu 2020 U-Abhrahama wavumelana no-Efroni, wayesembalela inani ayelibalulile phambi kwamaHithi, ngesisindo salo amashekeli ezinhlamvu zesiliva ezingama-400 ngokwezilinganiso ezazisetshenziswa ngabahwebi baleso sikhathi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Abrahama wamuzwa u-Efroni; u-Abrahama wamlinganisela u-Efroni isiliva abelishilo ezindlebeni zabantwana bakwaHeti, amashekeli angamakhulu amane esiliva, avunywa ngabathengisi. Contemporary Zulu Bible 2024 U-Abrahama wamlalela u-Efroni; U-Abrahama wamlinganisela u-Efron isiliva abeyikhulume ezindlebeni zamadodana kaHeti, amashekele angamakhulu amane esiliva, imali evunywayo kumthengisi. |
“Mnumzane, ngilalele, lesi siqinti somhlaba singabiza amashekeli esiliva angama-400, bekuyini khona lokho phakathi kwami nawe na? Ngcwaba umkakho kuso.”
Kuthe lapho sesifike endlini yezihambi, sathi sivula amasaka ethu, kwaba yilowo nalowo wakhangwa yimali isemlonyeni wesaka lakhe, iphelele njengoba sasiyikhokhile, kodwa nansi ezandleni zethu siyibuyisile.
UJakobe wabayala, wathi: “Sengizokufa ngingcwatshwe nobabamkhulu. Ngimbeleni nokhokho bami emgedeni osensimini ka-Efroni, umHithi,
Amadodana akhe amthatha uyise amyisa eKhanani, amngcwaba emgedeni osensimini eMakhaphela, u-Abhrahama ayewuthenge nensimu ku-Efroni umHithi, ukuze ube yindawo yokungcwaba, eduze naseMamre.
Njalo ekupheleni konyaka wayeliphuca ikhanda lakhe lapho izinwele sezimsinda. Lapho ezilinganisa izinwele zakhe, zaziba ngamashekeli angama-200 ngokwesilinganiso esisemthethweni.
Inkosi yathi ku-Arawuna: “Qha, kumele ngikuthenge nokukuthenga, ngikukhokhele inani elithile. Angiyukunikela kuSimakade uNkulunkulu wami ngeminikelo yokushiswa engeyesihle.” UDavide wayesethenga isibuya nezinkabi ngamashekeli esiliva angama-50.
Yilokhu okuyakunikelwa yinoma yimuphi oyobhalisela ukubalwa: ingxenye yeshekeli ngokwesilinganiso seshekeli lendawo engcwele, ishekeli lingamagera angama-20, ingxenye yeshekeli iyokuba ngumnikelo kuSimakade.
Ngaloba incwadi, ngayisicilela, ngenza ukuba kube nofakazi, ngamkalela isiliva ngesilinganiso.
Ngayithenga-ke insimu ese-Anathothi kuHanameli, indodana yomfowabo kababa, ngamkalela isiliva, kwaba ngamashekeli esiliva ali-17.
Ishekeli liyakuba ngamagera angama-20; amashekeli angama-20, angama-25, nali-15 ayakuba ngumina kinina.
Ngase ngithi kuzo: “Uma kukuhle emehlweni enu, nginikeni inkokhelo yami, kodwa uma kungenjalo, yekani.” Zayilinganisa inkokhelo yami kwaba yizinhlamvu zesiliva ezingama-30.
Ngakho-ke kukho konke, ngisho nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo, ngokuba lokhu kungumthetho nabaphrofethi.
Babuyiswa eShekhemu, babekwa ethuneni u-Abhrahama ayelithenge ngenani lesiliva kumadodana kaHamori eShekhemu.
Ningabi nacala lanoma yini kunoma ngubani, kodwa elokuthandana, ngokuba othanda omunye, uwugcwalisile umthetho.
Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, uma kukhona okuhle, noma okubongekayo, zindlani ngakho.
ukuze kungabi bikho noyedwa owonayo ngalokhu, aphambe umfowabo; ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambilini, futhi sagcizelela.