UNkulunkulu wakubona konke ayekudalile ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithupha.
UGenesise 2:2 - IsiZulu 2020 Kuthe ngosuku lwesikhombisa uNkulunkulu esewuqedile wonke umsebenzi ayewenza, wayesephumula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu waqeda ngosuku lwesikhombisa imisebenzi yakhe abeyenzile; waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke abeyenzile. Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu waqeda ngosuku lwesikhombisa umsebenzi wakhe abewenzile; waphumula ngosuku lwesikhombisa kuwo wonke umsebenzi wakhe abewenzile. |
UNkulunkulu wakubona konke ayekudalile ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithupha.
Ngakho-ke uNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walungcwelisa, ngokuba ngalo uNkulunkulu waphumula kuwo wonke umsebenzi ayesewudalile, wawenza.
“Uyakusebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa, ukuze inkabi yakho, nembongolo yakho kuphumule, nesigqila esizalelwe kwakho, nogogobele kwakho bahlunyelelwe.
Uyokwenza umsebenzi ngezinsuku eziyisithupha, kodwa usuku lwesikhombisa luyisabatha lokuphumula, usuku olungcwele kuSimakade. Yilowo nalowo owenza umsebenzi ngosuku lwesabatha uyobulawa.
Liwuphawu lwaphakade phakathi kwami nabantu bakwa-Israyeli, lokuthi uSimakade wadala izulu nomhlaba ngezinsuku eziyisithupha, kwathi ngosuku lwesikhombisa waphumula, wahlumeleleka.’ ”
“Uma uzinqanda ekungcoliseni isabatha, ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele; isabatha ulibize ngokuthi yintokozo, nosuku olungcwele lukaSimakade ngokuthi luhloniphekile, uluhloniphe; ungahambi ngezindlela zakho, wenza okuthandwa nguwe noma imisebenzi yakho,
kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaSimakade uNkulunkulu wakho; awuyukusebenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nenkabi yakho, nembongolo yakho, nayo yonke imfuyo yakho, nomfokazi ophakathi kwamasango akho, ukuze inceku yakho nencekukazi yakho baphumule njengawe.
Ngokuba ongenile ekuphumuleni kwakhe yena uyaphumula emisebenzini yakhe njengalokhu uNkulunkulu aphumula kweyakhe.
Phela endaweni ethile ushilo ngosuku lwesikhombisa ukuthi: “UNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke.”