Nanku umlando wezizukulwane zikaThera. UThera wazala u-Abhrama, uNahori, noHarana. UHarana wazala uLothi.
UGenesise 19:1 - IsiZulu 2020 Izingelosi ezimbili zafinyelela eSodoma kusihlwa; uLothi wayehlezi esangweni eSodoma. Uthe angazibona, wasukuma, wazihlangabeza, wathi mbo ngobuso emhlabathini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izingelosi zombili zafika eSodoma sekuhlwile; uLoti wayehlezi esangweni laseSodoma; uLoti ezibona wasukuma wazihlangabeza; wakhothamela emhlabathini ngobuso, Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi sekuhlwile kweza izingelosi ezimbili eSodoma; uLoti wayehlezi esangweni laseSodoma, uLoti ewabona, wasukuma ukuwahlangabeza; wakhothamisa ubuso bakhe emhlabathini; |
Nanku umlando wezizukulwane zikaThera. UThera wazala u-Abhrama, uNahori, noHarana. UHarana wazala uLothi.
U-Abhrama wayesehlala eKhanani, uLothi wahlala phakathi kwemizi esethafeni, wagxumeka ithende lakhe eduze komuzi iSodoma.
Lawo madoda awufulathela umuzi ka-Abhrahama, alibangisa eSodoma, kodwa u-Abhrahama wasala emi phambi kukaSimakade.
Wathi kuzo: “Makhosi ami, ake niphambukele endlini yenceku yenu ukuze nithole amanzi okugeza izinyawo, nilale okwanamuhla, bese nivuka ekuseni niqhubeke nohambo lwenu.” Zamphendula zathi: “Qha, sizohlala emgwaqweni.”
UJosefa wawasusa ethangeni likayise, wakhothamela emhlabathini wathi mbo ngobuso.
“Lapho ngiphuma ngiya esangweni lomuzi, nalapho ngihlala esihlalweni sami esigcawini,
“Kanjalo njengalokhu kwenzeka ngezinsuku zikaLothi, babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala futhi bakha.
Ningakhohlwa wukuphatha kahle izihambi, ngokuba abanye benu ngokwenza kanjalo baphatha kahle izingelosi bengazi.
UBhowazi wenyukela esangweni, wahlala khona; uyabona-ke, kwedlula umhlengi ayekade ekhulume ngaye, wayesethi kuye: “Ake uze ngapha, mnewethu, uhlale phansi.” Waya kuye, wahlala phansi.