Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 18:8 - IsiZulu 2020

Waletha izaqheqhe, nobisi, nenyama yethole ayeyilungisile, konke lokho wakubeka phambi kwawo. Ngesikhathi lawo madoda edla, yena wayemi eceleni kwawo phansi kwesihlahla.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wathatha amangqanga, nobisi, nethole abelilungisile, wakubeka phambi kwawo; wema ngakuwo phansi komuthi; adla.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Wathatha amabhotela, nobisi, nethole abelilungisile, wakubeka phambi kwabo; wema nabo phansi kwesihlahla, badla.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 18:8
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abhrahama wagijima waya emhlanjini, wafike wakhetha ithole elihle elinonophele, walinika inceku, yaphuthuma yalihlaba, yalilungisa.


Ambuza athi: “Uphi umkakho uSara na?” Wawaphendula wathi: “Usethendeni.”


ULothi wazibelesela ezincenga zaze zaphambuka zangena endlini yakhe. Wabe esezilungisela idili, wazenzela namaqebelengwane angenamvubelo; zadla.


Ngalolo lusuku kwaqokwa amadoda okuqapha amagumbi lapho kwakugcinwe khona izipho ethempelini; izithelo zokuqala, nokweshumi kwamabele, nokwezithelo, minyaka yonke. Lawo madoda ayehambele yonke imizi ukuyoqoqa umkhiqizo owawunikelelwa ukunakekela abaphristi nabaLevi, njengalokhu kubhaliwe emthethweni. Bonke abantu bakwaJuda babewuthokozela umsebenzi owenziwa ngabaphristi nabaLevi,


Uyodla izaqheqhe noju aze akwazi ukwala okubi nokukhetha okuhle.


bese kuthi ngobuningi bobisi esilukhiqizayo idle izaqheqhe, ngokuba izaqheqhe noju kuyodliwa yibo bonke abasele ezweni.


Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi lapho inkosi yazo ifika, izifice zilindile. Ngiqinisile ngithi kini: inkosi yazo iyakubopha ibhande okhalo, izihlalise phansi, ize yona uqobo iziphe ukudla.


Kunalokho akayukusho yini kuyo, athi: ‘Faka iphinifa lakho, ungilungisele engizokudla, ngidle, ngiphuze, andukuba wena udle, uphuze’ na?


Kuthe esehleli nabo sebezokudla, wathatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika sona.


Bamenzela ukudla lapho. UMartha waphaka. ULazaru wayengomunye wababehlezi esidlweni.


hhayi kubantu bonke, kodwa kithina esingofakazi ababekhethwe nguNkulunkulu phambilini, esasidla siphuza naye, emva kokuba esemvusile kwabafileyo.


Ngokuba nina bazalwane nabizelwa enkululekweni, ningayisebenzisi-ke inkululeko njengezaba zokwenza imisebenzi yenyama, kodwa khonzanani ngothando.


Wadla izaqheqhe zemihlambi, ubisi lwezimvu, amafutha amawundlu, izinqama zohlobo lwaseBhashani, izimbuzi, namanoni kakolo wekhethelo; waphuza iwayini livela egazini lamagilebhisi.


Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha, uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.


UManowa wathi engelosini kaSimakade: “Ake usivumele sikulibazise, sikuhlabele izinyane lembuzi.”


Wacela amanzi, wamnika ubisi, wamlethela izangqondo ngomcengezi ofanele amakhosi.