UGenesise 18:4 - IsiZulu 2020 Makulethwe amanzi, nigeze izinyawo, bese niphumula emthunzini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Makulethwe ingcosana yamanzi, nigeze izinyawo zenu, niphumule phansi komuthi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ake kulandwe amanzi, ugeze izinyawo zakho, uphumule ngaphansi kwesihlahla. |
Wathi kuzo: “Makhosi ami, ake niphambukele endlini yenceku yenu ukuze nithole amanzi okugeza izinyawo, nilale okwanamuhla, bese nivuka ekuseni niqhubeke nohambo lwenu.” Zamphendula zathi: “Qha, sizohlala emgwaqweni.”
Ngakho-ke indoda yangena endlini, uLabani wawethula imithwalo amakameli, wayesewaphakela utshani nefolishi. Indoda namadoda ayeyiphelezela babanika amanzi okugeza izinyawo.
Induna yayisiwangenisa lawo madoda endlini kaJosefa, yawanika amanzi ukuze ageze izinyawo, yanika nezimbongolo zawo ifolishi.
Waphendukela kowesifazane, wathi kuSimoni: “Uyambona lo wesifazane na? Ngingene endlini yakho, awunginikanga amanzi okugeza izinyawo, kodwa lo wesifazane umantisile izinyawo zami ngezinyembezi zakhe, wazesula ngezinwele zakhe.
Kufanele ukuba aziwe ngemisebenzi emihle, njengalowo okhulise kahle abantwana, obe nokuphana ezihambini, ogeze izinyawo zabangcwele, osize abahluphekayo, futhi ozinikele ekwenzeni yonke imisebenzi emihle.
Lase limngenisa endlini yalo, lanika izimbongolo utshani, bageza izinyawo zabo, badla, baphuza.
Wasukuma, wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi, wathi: “Bheka, incekukazi yakho mayibe yisigqila esigeza izinyawo zezinceku zenkosi yami.”