Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 17:12 - IsiZulu 2020

Ezizukulwaneni zonke umntwana ongumfana phakathi kwenu, osenezinsuku eziyisishiyagalombili ezelwe, kufanele asokwe, ngisho nalabo abazalelwe kwakho abangazalwa nguwe, noma ngabe bathengwe ngemali kowezizwe,

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Onezinsuku eziyisishiyagalombili phakathi kwenu uyakusokwa, bonke abesilisa ezizukulwaneni zenu, lowo ozelwe endlini nalowo othengwe ngemali kowezizwe, ongesiye owenzalo yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Oyizinsuku eziyisishiyagalombili makasokwe phakathi kwenu, yonke indodana ezizukulwaneni zenu, ezelwe endlini noma ethengwe ngemali kunoma yimuphi umfokazi ongeyena owenzalo yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 17:12
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngalolo lusuku u-Abhrahama wabiza u-Ishmayeli nazo zonke izinceku ezazizalelwe kwakhe, nazo zonke izigqila ayezithengile, wabasoka, njengalokhu uNkulunkulu ayemyalile.


U-Abhrahama wamsoka u-Isaka esenezinsuku eziyisishiyagalombili ezelwe njengoba uNkulunkulu ayemyalile.


kodwa noma yisiphi isigqila esithengwe ngesiliva singalidla emva kokuba sisokiwe;


Uyokwenza okufanayo ngamazibulo ezinkomo zakho, nawezimvu zakho. Uyakuwavumela abe nonina izinsuku eziyisikhombisa, bese kuthi ngosuku lwesishiyagalombili uwanikele kimi.


Ngosuku lwesishiyagalombili umfana uyosokwa ijwabu.


Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili beza ukuzosoka umntwana, bamqamba ngegama likayise uZakhariya.


Kwathi seziphelile izinsuku eziyisishiyagalombili, umntwana wasokwa, wayeseqanjwa igama kwathiwa nguJesu, igama elalishiwo yingelosi unina engakakhulelwa.


“Wayesemnika isivumelwano sokusoka. Waba kanjalo-ke nguyise ka-Isaka, wamsoka ngosuku lwesishiyagalombili. U-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala okhokho abali-12.


Ngokuba umJuda akasiye umJuda woqobo ngezinto ezibonwayo, kanjalo nokusoka akusikho nje okubonwa enyameni.


Ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili, ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwana sakwaBhenjamini, umHebheru wamaHebheru, ngokomthetho ngingumFarisi.