UGenesise 16:1 - IsiZulu 2020 USarayi umka-Abhrama wayengamtholeli bantwana; wayenencekukazi engumGibhithe, igama layo kunguHagari. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USarayi umka-Abrama wayengamzaleli mntwana; kepha wayenencekukazi yaseGibithe, igama layo linguHagari. Contemporary Zulu Bible 2024 USarayi umka-Abrama wayengamzaleli mntwana, wayenencekukazi yaseGibithe, igama layo lalinguHagari. |
UFaro wamphatha kahle u-Abhrama ngenxa yomkakhe, wamxoshisa ngezimvu, izinkomo, izimbongolo, amakameli, izinceku nezincekukazi.
UNkulunkulu wathi ku-Abhrahama: “Ungakhathazeki kangaka ngomfana nesigqila sakho. Lalela konke akushoyo uSara, ngokuba uzalo luka-Isaka oluyobizwa ngawe.
U-Isaka wamkhulekela kuSimakade uRibheka umkakhe, ngokuba wayengabatholi abantwana, iNkosi yawuzwa umkhuleko wakhe, uRibheka wakhulelwa.
Phela u-Elizabethe, isihlobo sakho, obekuthiwa inyumba naye ukhulelwe indodana esemdala; le yinyanga yakhe yesithupha.
Kepha babengenamntwana, ngokuba u-Elizabethe wayeyinyumba, futhi bobabili base bekhulile.
Lokhu kungukufanekisa nje, ngokuba laba bayizivumelwano ezimbili. Esinye ngesasentabeni iSinayi esiletha ubugqila, esinguHagari.
Kwakukhona indoda ethile eZora, yomndeni wakwaDani, igama layo kunguManowa. Umkayo wayeyinyumba, engenabantwana.
UHana wamnika amavenge aphindwe kabili, ngokuba wayemthanda uHana, nakuba uSimakade ayesivalile isibeletho sakhe.