UGenesise 15:10 - IsiZulu 2020 U-Abhrama wakuletha kuSimakade konke lokho, wakwehlukanisa izingxenye ezimbili, wazihlela izinhlangothi zabhekana, kodwa izinyoni akazehlukanisanga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wamthathela zonke lezo, wazinquma phakathi, wabeka kwaba yileyo naleyo nxenye ukuba ibhekane nenye; kepha izinyoni akazinqumanga. Contemporary Zulu Bible 2024 Wakuthatha konke, wakudabula phakathi, wabeka ucezu lwalo lwabhekene nolunye, kepha izinyoni akazidabulanga. |
Selishonile ilanga, sekumnyama, kwabonakala imbawula eshunqayo nesihlonti sikhephuka ilangabi kudabula phakathi kwezinhlangothi zenyama.
Wathi kuye: “Ngilethele isithole esineminyaka emithathu, imbuzikazi eneminyaka emithathu, inqama eneminyaka emithathu, ihobhe nephuphu lejuba.”
Uyakulidabula phakathi kwamaphiko, kodwa angalehlukanisi. Umphristi uyakulishisa e-althare phezu kwezinkuni ezisemlilweni, libe ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.
Khuthalela ukuba uziveze wethembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esilifundisa siliqonde izwi leqiniso.