ULothi wabheka, walibona lonke ithafa eliseJordani kuze kube seZowari ukuthi lalivunde njengensimu kaSimakade, nanjengeGibhithe. Lokho kwenzeka uSimakade engakalibhubhisi iSodoma neGomora.
UGenesise 13:11 - IsiZulu 2020 ULothi wazikhethela lonke ithafa eliseJordani, wayeselibhekisa ngasempumalanga. Ehlukana kanjalo-ke lawa madoda amabili. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ULoti wakhetha ithafa lonke laseJordani; uLoti wasuka waya ngasempumalanga; bahlukana omunye nomunye. Contemporary Zulu Bible 2024 ULoti wazikhethela lonke ithafa laseJordani; uLoti wasuka waya ngasempumalanga, bahlukana omunye nomunye. |
ULothi wabheka, walibona lonke ithafa eliseJordani kuze kube seZowari ukuthi lalivunde njengensimu kaSimakade, nanjengeGibhithe. Lokho kwenzeka uSimakade engakalibhubhisi iSodoma neGomora.
U-Abhrama wayesehlala eKhanani, uLothi wahlala phakathi kwemizi esethafeni, wagxumeka ithende lakhe eduze komuzi iSodoma.
Kwathi lapho uLothi esehambile, uSimakade wakhuluma ku-Abhrama wathi: “Manje phakamisa amehlo akho ubuke nxazonke lapho ukhona: enyakatho, eningizimu, empumalanga nasentshonalanga,
Awuliboni yini leli lizwe eliphambi kwakho na? Masehlukane-ke. Uma uya enyakatho, mina ngizoya eningizimu. Uma uya eningizimu, mina ngizoya enyakatho.”
Anele abakhipha nje, enye yamadoda yathi kuye: “Yithi galo yephuka uphephise impilo yakho. Ungajeqezi emuva futhi ungami ngisho ethafeni. Phikelela ezintabeni, ngokuba ungase uficwe ngamathonsi abanzi.”
Ungamlahli umngani wakho noma okayihlo; ungabalekeli endlini yomfowenu ngosuku lwenhlekelele. Ungcono umakhelwane oseduze kunesihlobo esihlala kude.
“Uhlangothi olusempulanga, lusukela phakathi kweHawurana neDamaseku, naphakathi kweGileyadi nakwa-Israyeli. Lolu luyakuba yiJordani; luyakusuka kulo mngcele luze lufike olwandle empumalanga naseThamari. Lolu-ke wuhlangothi olusempumalanga.
Singakuyeki ukuhlangana kwethu njengoba kungumkhuba wabanye, kodwa sigqugquzelane, ikakhulu njengokuba nilubona usuku lusondela.
Bahlonipheni bonke, nibathande abazalwane, nesabe uNkulunkulu, futhi niyihloniphe inkosi.