U-Ebhere wazala amadodana amabili. Enye yawo kwakuthiwa nguPhelegi, ngoba ngesikhathi sakhe izwe ladatshulwa izifunda. Enye kwakuthiwa uJokithani.
UGenesise 11:8 - IsiZulu 2020 USimakade wabahlakaza kanjalo-ke bagcwala umhlaba wonke, bakuyeka ukwakha umuzi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kanjalo uJehova wabahlakazela emhlabeni wonke, bephuma lapho; bayeka ukwakha umuzi. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wayesebahlakazela emhlabeni wonke besuka lapho, bayeka ukwakha umuzi. |
U-Ebhere wazala amadodana amabili. Enye yawo kwakuthiwa nguPhelegi, ngoba ngesikhathi sakhe izwe ladatshulwa izifunda. Enye kwakuthiwa uJokithani.
Yileyo-ke imindeni yamadodana kaNowa ngokozalo lwawo nangokwezizwe zawo. Kuwo kwavela izizwe ezasabalala nomhlaba wonke emveni kukazamcolo.
Kulaba kwadabuka izizwe ezisemazweni agudle ulwandle, zehlukana ngolimi, ngemindeni, nangezizwe.
Base bethi: “Wozani sizakhele isithabathaba somuzi onombhoshongo omude ofinyelela esibhakabhakeni, ukuze ngawo sizakhele igama emhlabeni, singahlakazeki nezwe lonke!”
Lowo muzi wabizwa ngokuthi yiBhabhele, ngokuba kulapho uSimakade aphambanisa khona ulimi lomhlaba wonke, wayesebahlakaza bagcwala umhlaba wonke.
Maluqalekiswe ulaka lwabo ngokuba luyavutha, nentukuthelo yabo ngokuba iwunya. Ngizobehlukanisela kwaJakobe, ngibahlakazele kwa-Israyeli.
Ngokuba izitha zakho, Simakade, izitha zakho ziyakubhubha, bonke abenza okubi bayakuhlakazwa,
Wenzile amandla ngengalo yakhe; uchithile abazidlayo ekuzidleni kwenhliziyo yabo.
OPhezukonke lapho abela izizwe ifa lazo, lapho ehlukanisela abantwana babantu, wamisa imingcele yezizwe ngokwenani labantu bakwa-Israyeli.