UGenesise 10:7 - IsiZulu 2020 Amadodana kaKhushe kwakunguSebha, uHavila, uSabitha, uRama, noSabhitheka. Amadodana kaRama kwakunguShebha noDedani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amadodana kaKushe: ngoSeba, noHavila, noSabita, noRama, noSabitheka. Amadodana kaRama: ngoSheba noDedani. Contemporary Zulu Bible 2024 Amadodana kaKushe: noSeba, noHavila, noSabta, noRaama, noSabtega; namadodana kaRama; uSheba noDedani. |
Igama lowokuqala kwakuyiPhishoni. Yiwo ogobhoza uzungeze lonke izwe iHavila, lapho kunegolide khona.
Kwathi ukuba indlovukazi yaseShebha izwe imibiko ngodumo lukaSolomoni ngenxa yegama likaSimakade, yafika ukuzomvivinya ngemibuzo elukhuni.
Amadodana kaKhushe: nguZebha, uHavila, uSabhitha, uRama noSabhitheka. Amadodana kaRama: nguSheba noDedani.
ngesikhathi kufika amaShebha akuthumba, abulala izinceku ngenkemba; yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.”
Amakhosi aseTharishishi nawaseziqhingini ayakuletha izipho. Amakhosi aseShebha naseSebha ayoletha izipho.
Isiphrofetho nge-Arabhiya. Niyakulala ehlozini elisemathafeni e-Arabhiya, nina mahele aseDedanimi.
Ngokuba Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho, oNgcwele ka-Israyeli uMsindisi wakho. IGibhithe ngilinikele laba yinhlawulo yakho; iKhushe neShebha esikhundleni sakho.
“ ‘Abantu baseDedani bahwebelana nawe; iziqhingi eziningi kwakuyizindawo zakho zokuhweba; baletha kuwe uphondo lwendlovu nezingodo ezimnyama zomthombothi, kwaba yisipho sakho.
“ ‘Abahwebi baseShebha nabaseRama babethenga kuwe, behwebelana nawe ngazo zonke izinongo zekhethelo, ngawo wonke amatshe ayigugu, nangegolide.