Amadodana kaJafethi kwakunguGomeri, uMagogi, uMadayi, uJavani, uThubhali, uMeshekhe noThirasi.
UGenesise 10:1 - IsiZulu 2020 Nanku umlando wamadodana kaNowa: uShemu, uHamu, noJafethi; nawo azala awawo amadodana emva kukazamcolo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lezi ziyizizukulwane zamadodana kaNowa: ngoShemi, noHamu, noJafete; bazalelwa amadodana emva kukazamcolo. Contemporary Zulu Bible 2024 Lezi ziyizizukulwane zamadodana kaNowa, oShemi, noHamu, noJafete; bazalelwa wona emva kukazamcolo. |
Amadodana kaJafethi kwakunguGomeri, uMagogi, uMadayi, uJavani, uThubhali, uMeshekhe noThirasi.
Nantu uhla lozalo luka-Adamu. Ngesikhathi uNkulunkulu edala umuntu wamenza wanjengaye.
Nanku umlando kaNowa nezizukulwane zakhe. UNowa wayengumuntu oqotho, engenasici esizukulwaneni sakhe, ehamba noNkulunkulu.
UNkulunkulu wambusisa uNowa namadodana akhe, wathi kubo: “Zalanani nande, nigcwalise umhlaba.
Kulawa madodana kaNowa amathathu kwavela kuwo abantu abasabalala nomhlaba wonke.
Nantu uhla lozalo okwavela kulo uJesu Khristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abhrahama.