UNkulunkulu wathi: “Makumile utshani emhlabeni, nezitshalo ezithela imbewu nezihlahla ezithela izithelo ezinembewu ngezinhlobo zazo.” Kwaba njalo.
UGenesise 1:7 - IsiZulu 2020 UNkulunkulu wenza umkhathi wokwehlukanisa amanzi aphansi kwawo naphezu kwawo. Kwaba njalo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu wenza umkhathi, wahlukanisa amanzi aphansi komkhathi namanzi aphezu komkhathi; kwaba njalo. Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu wenza umkhathi futhi wahlukanisa amanzi angaphansi komkhathi namanzi angaphezu komkhathi. |
UNkulunkulu wathi: “Makumile utshani emhlabeni, nezitshalo ezithela imbewu nezihlahla ezithela izithelo ezinembewu ngezinhlobo zazo.” Kwaba njalo.
UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze izinhlobonhlobo zezilwane eziphilayo, ezifuywayo, ezihuquzelayo nezilwane zasendle ngezinhlobo zazo.” Kwaba njalo.
UNkulunkulu wawuqamba umkhathi ngokuthi yisibhakabhaka. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesibili.
UNkulunkulu wathi: “Amanzi aphansi kwesibhakabhaka mawaqoqeleke ndawonye, kuvele umhlabathi owomileyo.” Kwaba njalo.
Amazulu alanda ngenkazimulo kaNkulunkulu, umkhathi umemezela ngomsebenzi wezandla zakhe.
Usuku lwedlulisela kolunye usuku ulwazi, nobusuku butshela obunye ngalolo lwazi.
Uma amafu emumethe imvula, ayithululela emhlabeni; nesihlahla uma siwela ngaseningizimu noma ngasenyakatho, sitholakala lapho siwele khona.