UGenesise 1:24 - IsiZulu 2020 UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze izinhlobonhlobo zezilwane eziphilayo, ezifuywayo, ezihuquzelayo nezilwane zasendle ngezinhlobo zazo.” Kwaba njalo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze izilwane eziphilayo ngezinhlobo zazo, izinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilo zomhlaba ngezinhlobo zazo,” kwaba njalo. Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze izilwane eziphilayo ngezinhlobo zazo: izinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilo zomhlaba ngezinhlobo zazo; futhi kwenzeka kanje. |
USimakade uNkulunkulu wathatha umhlabathi wabumba zonke izilwane zasendle, nazo zonke izinyoni zezulu. Waziletha kumuntu ukuze abone ukuthi uzoziqamba athini; lawo magama umuntu aziqamba ngawo zonke izilwane eziphilayo, kwaba ngamagama azo.
Ungenise izinyoni ngezinhlobo zazo, nezilwane ngezinhlobo zazo, nezihuquzelayo ngezinhlobo zazo, konke lokho kungene ngakubili ukuze kuphile.
Kwangena zonke izilwane zasendle ngezinhlobo zazo, nezilwane ezifuywayo ngezinhlobo zazo, ezihuquzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo, nazo zonke izinyoni zezulu ngezinhlobo zazo, nakho konke okunamaphiko.
Emkhunjini kwaphuma zonke izilwane, zonke izilwane ezihuquzelayo, nazo zonke izinyoni, nakho konke okuhambayo emhlabeni ngezinhlobo zakho.
“Uyasazi yini isikhathi sokuzala kwezimbuzi zezintaba na? Uke ukuqaphele yini ukuzala kwezindluzelekazi na?
“Nguwe yini onika ihhashi amandla, wembathise intamo yalo ngomhlwenga oyephuzelayo na?
“Ngubani ovumele imbongolo yasendle ukuba ihambe? Ngubani owathukulula izibopho zayo,
Kube sekuphuma umuntu, aye emsebenzini wakhe nasemshikashikeni wakhe, kuze kuhlwe.