Wayesehla, wazicwilisa kasikhombisa eJordani njengokusho komuntu kaNkulunkulu; inyama yakhe yabuya yaba njengenyama yomntwana omncane, wahlambuluka.
UEksodusi 4:7 - IsiZulu 2020 UNkulunkulu wathi kuye: “Siphindisele esifubeni isandla sakho.” Wasiphindisela esifubeni sakhe. Kuthe lapho esesikhipha, habe, sesibuyele esimweni saso, sesifana nesikhumba sakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesethi kuye: “Buyisela isandla sakho esifubeni sakho.” Wayesesibuyisela isandla sakhe esifubeni sakhe; kuthe esikhipha esifubeni sakhe, bheka, sase siphendukile, sinjengenyama yakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi: “Buyisela isandla sakho esifubeni sakho.” Waphinda wasifaka isandla sakhe esifubeni sakhe; wayiklebhula esifubeni sakhe, bheka, yaphenduka yaba njengenye inyama yakhe. |
Wayesehla, wazicwilisa kasikhombisa eJordani njengokusho komuntu kaNkulunkulu; inyama yakhe yabuya yaba njengenyama yomntwana omncane, wahlambuluka.
“Uma bengakukholwa, noma bengasishayi mkhuba isibonakaliso sakho sokuqala, bayosikholwa esilandelayo.
UJesu welula isandla sakhe, wamthinta, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Wayesehlambuluka ngokushesha ochokweni lwakhe.
“ ‘Bonani manje ukuthi Mina, yebo, Mina Nginguye, akekho unkulunkulu ngaphandle kwami; Mina ngiyabulala, ngibuye ngiphilise, ngilimaze, futhi ngipholise; akekho ongabahlenga esandleni sami.