UJowashi wahlala efihlwe lapho endlini kaSimakade iminyaka eyisithupha, ngesikhathi izwe libuswa ngu-Athaliya.
UEksodusi 2:2 - IsiZulu 2020 Wakhulelwa lowo wesifazane wazala indodana; kwathi lapho eyibona ukuthi yinhle, wayifihla izinyanga ezintathu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wakhulelwa lowo mfazi, wazala indodana; esebonile ukuthi inhle, wayithukusa izinyanga ezintathu. Contemporary Zulu Bible 2024 Owesifazane wakhulelwa, wazala indodana; lapho embona ukuthi ungumntwana omuhle, wamthukusa izinyanga ezintathu. |
UJowashi wahlala efihlwe lapho endlini kaSimakade iminyaka eyisithupha, ngesikhathi izwe libuswa ngu-Athaliya.
Umuntu omuhle unomusa, uyatshelekisa, izindaba zakhe uzisingatha ngobulungiswa.
U-Amramu wathatha uJokhebedi uyisekazi, waba ngumkakhe, wamzalela u-Aroni noMose. Iminyaka ka-Amramu yokuphila yaba yi-137.
Igama lomka-Amramu nguJokhebhedi, indodakazi kaLevi ayizalela eGibhithe; wazalela u-Amramu u-Aroni, uMose noMiriyamu udadewabo.
“Ngaleso sikhathi kwazalwa uMose; wayethandeka kuNkulunkulu. Wondliwa endlini yakwabo izinyanga ezintathu.
ngamagugu omhlaba nokugcwala kwawo, nangentando enhle yowabonakala esihlahleni; isibusiso masehlele ekhanda likaJosefa nasemqheleni wekhanda lalowo owehlukaniswa nabafowabo.
Ngokukholwa, uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bembona engumntwana omuhle; abawesabanga umyalo wenkosi.
Wathumela, wamlanda, wamngenisa. Wayebomvana, enamehlo amahle, ebukeka kahle. USimakade wathi: “Phakama umgcobe ngokuba nguye lona.”