kambe singabuye siyephule yini imithetho yakho ngokuganana nabezizwe abenza amanyala anjengalawa na? Ubungayukusithukuthelela yini uze usibhubhise nya, kungasali nsali na?
UDuteronomi 9:14 - IsiZulu 2020 ngiyeke ukuze ngibabhubhise, ngilesule lishabalale igama labo phansi kwezulu, ngiyokwenza wena ube yisizwe esinamandla nesikhulu kunabo.’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngiyeke ukuba ngibabhubhise, ngesule igama labo phansi kwezulu, ngenze wena ube yisizwe esinamandla nesikhulu kunabo.’ Contemporary Zulu Bible 2024 Mangime, ngibabhubhise, ngesule igama labo phansi kwezulu; ngiyakukwenza ube yisizwe esinamandla nesikhulu kunabo. |
kambe singabuye siyephule yini imithetho yakho ngokuganana nabezizwe abenza amanyala anjengalawa na? Ubungayukusithukuthelela yini uze usibhubhise nya, kungasali nsali na?
Wayesethe uzobabhubhisa, ukuba uMose okhethiweyo wakhe, akemanga phambi kwakhe wabakhulumela, ukuze adambise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.
Uzijezisile izizwe, wachitha izikhohlakali, walishabalalisa igama lazo ingunaphakade.
nezizukulwane zakho zibe ngangesihlabathi, nabantwana bezibilini zakho babe njengezinhlayiya zaso. Igama labo belingayukuqedwa, belingeke lashabalala phambi kwami.”
USimakade wathi kimi: “Noma bekungama uMose noSamuweli phambi kwami, inhliziyo yami ibingeke ibe kulaba bantu. Basuse phambi kwami, mabaphume bahambe.
“Wena-ke ungabakhulekeli laba bantu, ungabancengeli, ungakhuleki ubakhalela, ungabanxuseli kimi ngoba angiyukukulalela.
“Nina bontamolukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele, nani nifuze okhokho benu.
uSimakade angamthetheleli, kodwa intukuthelo kaSimakade nesikhwele sakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uSimakade alesule igama lakhe phansi kwezulu.
Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, igama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, futhi ngiyakulivuma igama lakhe phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.