futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”
UDuteronomi 6:7 - IsiZulu 2020 Ubafundise wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni; lapho ulala, nalapho uvuka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka. Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe ulifundise ngenkuthalo abantwana bakho futhi ukhulume ngalo lapho uhlezi endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka. |
futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”
Bona abayukukufundisa yini, bakutshele, bakhiphe amazwi ezinhliziyweni zabo na?
Abadlulayo mabathi: “Isibusiso sikaSimakade masibe phezu kwenu; siyanibusisa egameni likaSimakade.”
Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha, ulimi lwakhe lukhuluma ubulungiswa.
Nkulunkulu, wangifundisa kwasebusheni bami, namanje ngisamemezela ngemisebenzi yakho emangalisayo.
Izindebe zolungileyo zondla abaningi, kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.
Ulimi lwabahlakaniphileyo lukhombisa ulwazi oluhle, kodwa umlomo weziwula uphafuza ubuwula.
Izindebe zabahlakaniphileyo zisabalalisa ulwazi, kepha akunjalo enhliziyweni yeziwula.
Abaphilayo, abaphilayo bayakubonga njengami namuhla; oyise bayabazisa abantwana ngokuthembeka kwakho.
Kuthi lapho abamesabayo uSimakade uma bekhuluma bodwa omunye nomunye; uSimakade akulalelisise, akuzwe lokho, bese kubhalwa phambi kwakhe encwadini yokukhumbula abamesabayo uSimakade, labo abalihloniphayo iGama lakhe.
Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.
Umuntu omuhle uveza okuhle engcebweni yenhliziyo enhle, nomubi uveza okubi engcebweni embi, ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuba kudingeka, ukuze libaphe umusa abezwayo.
Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.
Niyakuwafundisa abantwana benu, ngokukhuluma ngawo, lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.
ukuze umesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho, zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho.
Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyoliswe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.
Kodwa mngcweliseni uKhristu njengeNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale nilindele ukubaphendula bonke abanibuza ngethemba eninalo.
Sengathi uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli oze ukuzokhosela phansi kwamaphiko akhe angakubusisa ngakho konke okwenzileyo, akuphe umvuzo opheleleyo.”
Esekhona lapho, bheka kwafika uBhowazi evela eBhethlehema wathi kubavuni: “USimakade makabe nani.” Bamphendula bathi: “USimakade makakubusise.”
Bonke abantu ababelapho esangweni, namalunga, basho ngazwi linye bathi: “Singofakazi. Sengathi uSimakade angamenza lona wesifazane ozohlala endlini yakho abe njengoRaheli noLeya, bobabili abayakha indlu ka-Israyeli. Sengathi ungaba nempumelelo e-Efratha ube nodumo eBhethlehema.