“Wanikela kubo imibuso nezizwe, wandisa imingcele yabo. Badla izwe likaSihoni, inkosi yaseHeshibhoni nelika-Ogi, inkosi yaseBhashani.
UDuteronomi 4:46 - IsiZulu 2020 phesheya kweJordani esigodini maqondana neBhethi Pheyori ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni, owanqotshwa nguMose nabantu bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibhithe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngaphesheya kweJordani esigodini malungana neBeti Peyori ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owahlala eHeshiboni, owanqotshwa nguMose nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngaphesheya kweJordani esigodini malungana neBeti Peyori, ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshiboni, owanqoba uMose nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe. |
“Wanikela kubo imibuso nezizwe, wandisa imingcele yabo. Badla izwe likaSihoni, inkosi yaseHeshibhoni nelika-Ogi, inkosi yaseBhashani.
Bambulala yena namadodana akhe, nabo bonke abantu bakhe, kwangasala muntu; balidla izwe lakhe.
Ngokuba asiyukulidla ifa nabo ngaphesheya kweJordani ngaleya, lokhu sesilidlile elethu ifa nganeno kweJordani, ngasempumalanga.”
Lawa ngamazwi uMose awakhuluma kubo bonke abakwa-Israyeli phesheya kweJordani, ehlane i-Araba, maqondana neSufi, phakathi kwePharanu, iThofeli, iLabhani, iHazerothi, neDi Zahabhi.
“Salithatha ngaleso sikhathi izwe esandleni samakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, kusukela esigodini i-Arinoni kuze kube sentabeni iHermoni.
Wamngcwaba esigodini kwaMowabi, maqondena neBhethi Pheyori kodwa akukho muntu olaziyo ithuna lakhe kuze kube namhlanje.
yibo lobu ubufakazi, izimiso, nezehlulelo uMose akukhuluma kubantu bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibhithe,
Balidla izwe lakhe, badla nelika-Ogi inkosi yaseBhashani, amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasempumalanga,
Nanka amakhosi ezwe u-Israyeli awanqoba, amazwe awo ahlala kuwo kusukela ngaphesheya kweJordani kuya empumalanga, kusukela esigodini i-Arinoni kuya entabeni iHermoni, nalo lonke i-Araba ngasempumalanga:
Ngathumela iminyovu phambi kwenu, eyaxosha phambi kwenu amakhosi amabili ama-Amori, kwakungengankemba yakho noma ngomnsalo wakho.