“Ngaze nina kuphela emindenini yonke yomhlaba; ngakho-ke ngiyakunijezisa ngenxa yabo bonke ububi benu.”
UDuteronomi 4:22 - IsiZulu 2020 Kepha mina sengizakufa kuleli lizwe, angizukuliwela iJordani, kodwa nina nizoliwela, nilidle leli lizwe elihle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha ngimelwe ukufa mina kulelizwe, ngingaweli iJordani; kodwa nina niyakuwela, nilidle lelo zwe elihle. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa kufanele ngifele kuleli zwe, angiyikuwela iJordani; kepha niyakudabula, nilidle lelo zwe elihle. |
“Ngaze nina kuphela emindenini yonke yomhlaba; ngakho-ke ngiyakunijezisa ngenxa yabo bonke ububi benu.”
Okwathi phela, lapho inhlangano ingihlubuka ehlane iSini imelana nami, nani nangangihlonipha, nangabukhombisa ubungcwele bami phambi kwayo ngasemanzini.” Lawo ngamanzi eMeribha eseKadeshi ehlane iSini.
Ngiyacela, ngivumele ngiwele ukuze ngilibone izwe elihle elingaphesheya kweJordani, lelo lizwe elihle lezintaba kanye neLebhanoni.’
Khuphukela esicongweni iPhisiga, uphakamisele amehlo akho ngasentshonalanga, enyakatho, eningizimu, nangasempumalanga, uzibonele ngokwakho, ngokuba awuyukuliwela leli Jordani.
USimakade wathi kuMose: “Bheka, izinsuku zakho zokuba ufe sezisondele, biza uJoshuwa, ningene ethendeni lokuhlangana ukuze ngimyale.” UMose noJoshuwa bahamba, bema ethendeni lokuhlangana.