ULothi wabheka, walibona lonke ithafa eliseJordani kuze kube seZowari ukuthi lalivunde njengensimu kaSimakade, nanjengeGibhithe. Lokho kwenzeka uSimakade engakalibhubhisi iSodoma neGomora.
UDuteronomi 34:3 - IsiZulu 2020 Wamtshengisa iNegevu nethafa lesigodi iJerikho umuzi wamasundu kuze kufike eZowari. IBHAYIBHELI ELINGCWELE neNingizimu, nethafa lesigodi saseJeriko umuzi wamasundu kwaze kwabaseSowari. Contemporary Zulu Bible 2024 neningizimu nethafa lesigodi saseJeriko umuzi wamasundu kuze kube seSowari. |
ULothi wabheka, walibona lonke ithafa eliseJordani kuze kube seZowari ukuthi lalivunde njengensimu kaSimakade, nanjengeGibhithe. Lokho kwenzeka uSimakade engakalibhubhisi iSodoma neGomora.
ahlasela uBhera inkosi yaseSodoma, noBhisha inkosi yaseGomora, noShinaba inkosi yase-Adima, noShemebha inkosi yaseZebhoyimu, nenkosi yaseBhela okuyiZowari.
Amakhosi aseSodoma, eGomora, e-Adima, eZebhoyimu, naseBhela, elibuye laziwe ngokuthi yiZowari, ehlela esigodini iSidimu, aphaka impi yawo ngamahlandla,
Kepha phangisa ubalekele kuwo, ngoba akukho engingakwenza ungakafiki kuwo.” Yingakho lowo muzi ubizwa ngokuthi yiZowari.
Amadoda aqokiweyo abizwa ngamagama, asukuma, abathatha abathunjwa nabo bonke ababehlutshulwe behamba ze, abembathisa ngezimpahla ezaziyimpango, abafaka izicathulo, abapha ukudla, abaphuzisa, abagcoba, abakhweza ezimbongolweni bonke ababebuthakathaka, abayisa kubafowabo eJerikho, umuzi wamasundu; ayesebuyela eSamariya.
Uhlangothi lwaseningizimu luyosuka ehlane iZini, lugudle kwa-Edomi. Umngcele wenu waseningizimu uyosuka ekugcineni koLwandle Lukasawoti, ngasempumalanga.
Abozalo loMkheni, umukhwe kaMose, bakhuphuka nabozalo lukaJuda bisuka emzini wamasundu baya ehlane lakwaJuda eNegevu ese-Aradi. Yena wahamba wayohlala nabantu.
U-Egiloni ehlangene nabakwa-Amoni nabase-Amaleki bamhlasela, bamehlula u-Israyeli, badla uMuzi Wamasundu.