UDuteronomi 30:8 - IsiZulu 2020 Uyakuphenduka, ulalele izwi likaSimakade, uyenze yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakubuya, ulilalele izwi likaJehova, uyenze yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla. Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe ubuye ulalele izwi likaJehova wenze yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla. |
“Kepha yilesi isivumelwano engizakusenza nendlu ka-Israyeli, emveni kwalezo zinsuku,” kusho uSimakade: “ngiyakufaka umthetho wami ezibilini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.
Mhlawumbe indlu kaJuda iyakuzwa konke okubi engihlela ukukwenza kubo, ukuze baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, bese ngibathethelela ububi babo nezono zabo.”
Ngiyakufaka uMoya wami ezibilinini zenu, ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakuzigcina izehlulelo zami, futhi nizenze.
“ ‘ “Inceku yami, uDavide, iyakuba yinkosi, ibabuse, bonke babe nomelusi oyedwa, bayakuhamba ezehlulelweni zami, bazigcine izimiso zami, futhi bazenze.
Wenza ngesiphambano ukubuyisana kwababili kuNkulunkulu emzimbeni munye, wabuqeda ubutha ngaso.
bese uphendukela kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngenhliziyo yakho yonke nangawo wonke umphefumulo wakho, ulalela izwi lakhe njengakho konke engikuyala ngakho namuhla, wena nabantwana bakho,
USimakade uNkulunkulu wakho uyakubeka zonke lezi ziqalekiso phezu kwezitha zakho naphezu kwabakuzondayo nabakuhlukumezile.
USimakade uNkulunkulu wakho uyokwenza uphumelele kuyo yonke imisebenzi oyenzayo, isithelo sesibeletho sakho, esemfuyo yakho, nesomhlabathi wakho, kube kuhle, ngokuba uSimakade uyobuye athokoze ukuba anichumise njengokuba athokoza ekuchumiseni okhokho bakho,
Ngokuba uNkulunkulu nguye osebenza kini ukuba nithande, futhi nenze ngokwentando yakhe.