Abantu ababeyingxenye yesizwana sakwaManase bahlala kulelo lizwe, kusukela eBhashani kuze kube seBhali Hermoni, eSeniri, nasentabeni iHermoni.
UDuteronomi 3:9 - IsiZulu 2020 IHermoni, abakwaSidoni bayibiza ngokuthi yiSiriyoni; ama-Amori wona ayibiza ngokuthi yiSeniri, IBHAYIBHELI ELINGCWELE eliyiHermoni elibizwa ngamaSidoni ngokuthi iSiriyoni nama-Amori alibiza ngokuthi iSeniri Contemporary Zulu Bible 2024 (iHermoni amaSidoni ayibiza ngokuthi iSiriyoni, nama-Amori ayibiza ngokuthi iSeniri;) |
Abantu ababeyingxenye yesizwana sakwaManase bahlala kulelo lizwe, kusukela eBhashani kuze kube seBhali Hermoni, eSeniri, nasentabeni iHermoni.
Kufana namazolo eHermoni ehlela ezintabeni iZiyoni. Ngokuba uSimakade wayaleza khona isibusiso, ukuphila kuze kube phakade.
Nkulunkulu wami, umphefumulo wami udangele ngaphakathi kimi; ngizokukhumbula eJordani naseHermoni nasentabeni iMizari.
Nguwe owadala inyakatho neningizimu, iThabhori neHermoni kuyathokoza egameni lakho.
Woza sisuke eLebhanoni, makoti wami, usuke nami eLebhanoni, wehle esiqongweni se-Amana nasesiqongweni seShiniri naseHermoni, sisuke emiphandwini yamabhubesi nasezintabeni zezingwe.
Bakwenzele amapulangwe akho ngemisayiphuresi yaseSeniri; balanda umsedari eLebhanoni ukuba benze insika yakho.
kusukela entabeni iHalakhi, ekhuphukela ngaseSeyiri kuze kuyofika eBhali Gadi esigodini iLebhanoni phansi kwentaba iHermoni. Wawaqumba phansi wonke amakhosi awo, wawabulala ngenkemba.