uBheni Gebheri eRamothi Gileyadi, okwakungeyakhe imizi kaJayire, indodana kaManase ekwaGileyadi, ne-Arigobi eliseBhashani, imizi engama-60 enezingange nemigoqo yethusi;
UDuteronomi 3:4 - IsiZulu 2020 Sayidla yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi; akwaze kwasala muzi esingawudlanga: kwakuyimizi engama-60, sonke isifunda i-Arigobhi nombuso ka-Ogi eBhashani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sathatha yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi; akubangakho muzi esingawuthathanga kubo: imizi engamashumi ayisithupha, sonke isifunda sase-Arigobi, umbuso ka-Ogi eBashani. Contemporary Zulu Bible 2024 Sayithatha yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi, akubangakho muzi esingawuthathanga kubo, imizi engamashumi ayisithupha, sonke isifunda sase-Arigobi, umbuso ka-Ogi eBashani. |
uBheni Gebheri eRamothi Gileyadi, okwakungeyakhe imizi kaJayire, indodana kaManase ekwaGileyadi, ne-Arigobi eliseBhashani, imizi engama-60 enezingange nemigoqo yethusi;
Bambulala yena namadodana akhe, nabo bonke abantu bakhe, kwangasala muntu; balidla izwe lakhe.
Ingxenye esele yakwaGileyadi, nalo lonke iBhashani, umbuso ka-Ogi, lokho ngakunika ingxenye yesizwana sakwaManase, sonke isifunda i-Arigobhi neBhashani lonke elibizwa ngokuthi izwe lamaRefa.
UJayire, indodana kaManase, wathatha sonke isifunda i-Arigobhi kuze kube semngceleni wamaGeshuri nowamaMahakhathi, iBhashani, walibiza ngegama lakhe wathi yiHawothi Jayire, kuze kube yinamuhla.
“USimakade uNkulunkulu wethu wamnikela esandleni sethu u-Ogi, inkosi yaseBhashani nabantu bakhe bonke; sabacekela phansi ngenkemba, akwaze kwasala muntu.
Yonke leyo mizi yayibiyelwe ngezingange eziphakemeyo, inamasango nemigoqo, ngaphandle kwemizana eminingi kakhulu eyayingabiyelwe.
Balidla izwe lakhe, badla nelika-Ogi inkosi yaseBhashani, amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasempumalanga,
nenkosi u-Ogi waseBhashani, owayengomunye wamaRefa okugcina owahlala e-Ashitharothi nase-Edreyi,