UDuteronomi 3:3 - IsiZulu 2020 “USimakade uNkulunkulu wethu wamnikela esandleni sethu u-Ogi, inkosi yaseBhashani nabantu bakhe bonke; sabacekela phansi ngenkemba, akwaze kwasala muntu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “UJehova uNkulunkulu wethu wayesenikela esandleni sethu naye u-Ogi inkosi yaseBashani nabantu bakhe bonke; samnqoba, akwaze kwasala muntu kuye. Contemporary Zulu Bible 2024 Kanjalo uJehova uNkulunkulu wethu wamnikela esandleni sethu u-Ogi inkosi yaseBashani, nabo bonke abantu bakhe; samnqoba kwaze kwangasala muntu. |
Bambulala yena namadodana akhe, nabo bonke abantu bakhe, kwangasala muntu; balidla izwe lakhe.
Anidlanga sinkwa, aniphuzanga wayini noma uphuzo olunamandla, ukuze nazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wenu.
USimakade wayesethi kimi: ‘Ungamesabi, ngoba yena nabantu bakhe bonke nezwe lakhe ngikunikele esandleni sakho. Uyokwenza kuye njengoba wenzile kuSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni.’
Sayidla yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi; akwaze kwasala muzi esingawudlanga: kwakuyimizi engama-60, sonke isifunda i-Arigobhi nombuso ka-Ogi eBhashani.
Balidla izwe lakhe, badla nelika-Ogi inkosi yaseBhashani, amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasempumalanga,
wonke umbuso ka-Ogi eBhashani, owayebusa e-Ashitharothi nase-Edreyi; nguyena kuphela owayesasele kumaRefa; bonke laba uMose wabanqoba, wabaxosha.
Indawo yabo yayisuka eMahanayimi, idabule kulona lonke iBhashani, wonke umbuso wenkosi u-Ogi waseBhashani, nemizi yonke eJayiri, eyayiseBhashani, okuyimizi engama-60,