U-Israyeli wahlala eShithimi; abantu base beqala ukuphinga namadodakazi akwaMowabi.
UDuteronomi 3:29 - IsiZulu 2020 “Sahlala-ke esigodini esimalungana neBhethi Pheyori.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sahlala-ke esigodini esimalungana neBeti Peyori. Contemporary Zulu Bible 2024 Sahlala esigodini esibhekene neBeti Peyori. |
U-Israyeli wahlala eShithimi; abantu base beqala ukuphinga namadodakazi akwaMowabi.
U-Israyeli wazihlanganisa noBhali Pheyori. Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli.
Wamngcwaba esigodini kwaMowabi, maqondena neBhethi Pheyori kodwa akukho muntu olaziyo ithuna lakhe kuze kube namhlanje.
“Amehlo enu akubonile uSimakade akwenza eBhali Pheyori, ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakho wababhubhisa kanjani bonke abantu owawukanye nabo, labo abalandela uBhali Pheyori.
phesheya kweJordani esigodini maqondana neBhethi Pheyori ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni, owanqotshwa nguMose nabantu bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibhithe.