Ngalobo busuku wavuka, wathatha amakhosikazi akhe omabili, nezancinza zakhe zombili, namadodana akhe ayi-11, wabawelisa izibuko lomfula iJabhoki.
UDuteronomi 3:16 - IsiZulu 2020 AbakwaRubeni nabakwaGadi ngabanika kusukela kwaGileyadi kuze kube sesigodini i-Arinoni, phakathi nesigodi kwaba ngumngcele wabo. Umfula iJakobi ingumngcele wabantu bakwa-Amoni, IBHAYIBHELI ELINGCWELE AbakwaRubeni nabakwaGadi ngabanika okusukela kwaGileyadi kuze kube sesigodini sase-Arinoni phakathi nesigodi kwaba ngumkhawulo nasemfuleni iJakobi elingumkhawulo wabantwana bakwa-Amoni, Contemporary Zulu Bible 2024 AbakwaRubeni nabakwaGadi ngabanika ingxenye yesigodi kusukela kwaGileyadi kuze kufike emfuleni i-Arinoni, nomngcele kuze kufike emfuleni iJabhoki, ongumngcele wabantwana bakwa-Amoni; |
Ngalobo busuku wavuka, wathatha amakhosikazi akhe omabili, nezancinza zakhe zombili, namadodana akhe ayi-11, wabawelisa izibuko lomfula iJabhoki.
Bawela iJordani, bakanisa e-Aroweri ngakwesokunene somuzi ophakathi nomhosha wakwaGadi, ngaseJazeri.
Abakwa-Israyeli bamnqoba ngenkemba, badla izwe lakhe kusukela e-Arinoni kuze kufike eJabhoki, baye bangquleka kwa-Amoni, ngoba umngcele wabakwa-Amoni uqinile.
Nokho izwe labakwa-Amoni awuzange usondele kulo, kusukela engxenyeni engenhla yomfula iJakobi, nemizi ekwelezintaba, njengakho konke uSimakade uNkulunkulu ayesiyale ngakho.”