ULeya wakhulelwa, wazibula ngendodana, wayiqamba igama wathi nguRubeni, ngokuba wathi: “Kungoba uSimakade ulubonile usizi lwami. Impela umyeni wami usezongithanda manje.”
UDuteronomi 27:13 - IsiZulu 2020 Nampa abayokuma entabeni i-Ebhali ukuba baqalekise: uRubeni, uGadi, u-Asheri, uZebuloni, uDani, noNafethali. IBHAYIBHELI ELINGCWELE laba bayakuma entabeni yase-Ebali babe ngabokuqalekisa: oRubeni, noGadi, no-Asheri, noZebuloni, noDani, noNafetali. Contemporary Zulu Bible 2024 Bayakuma entabeni yase-Ebali ukuba baqalekise; uRubeni, noGadi, no-Asheri, noZebuloni, noDani, noNafetali. |
ULeya wakhulelwa, wazibula ngendodana, wayiqamba igama wathi nguRubeni, ngokuba wathi: “Kungoba uSimakade ulubonile usizi lwami. Impela umyeni wami usezongithanda manje.”
ULeya wathi: “UNkulunkulu ungiphe isipho esiyigugu. Umyeni wami usezongazisa manje ngoba sengimzalele amadodana ayisithupha.” Ngakho-ke wayiqamba igama wathi nguZebuloni.
“Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wenu eningenisa ezweni eniya kulo ukulidla, nimemezele isibusiso nisentabeni iGerizimu nesiqalekiso nisentabeni i-Ebhali.
“Yilaba abazoma entabeni iGerizimu, babusise abantu ngesikhathi seniliwelile iJordani: uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakhare, uJosefa, noBhenjamini.
Kuyothi lapho seniliwelile iJordani, nimise lawa matshe enginiyala ngawo namuhla entabeni i-Ebhali, uwahuqe ngomcako.
Bonke abakwa-Israyeli, abaholi, izinduna nabehluleli babo, abafokazi naboselwa, bama ngapha nangapha komphongolo wesivumelwano sikaSimakade phambi kwabaphristi babaLevi ababethwele umphongolo. Enye ingxenye yabantu yayiphambi kwentaba iGerizimu, enye ingxenye iphambi kwentaba i-Ebhali, njengokuba uMose, inceku kaSimakade, ayebayalile ukuze babusise abantu bakwa-Israyeli njengasezikhathini ezedlule.